
Odokotela Abancane Baklonyeliswe nge-Bongani Mayosi Medical Students’ Academic Awards
Click here for English version
UDkt Zama Dlamini wase-UKZN nguyena onqobile kwathi uDkt Sphindile Tini walala isibili emcimbini wokuqala wezi-2020 weBongani Mayosi Medical Students ’Academic Awards.
Le miklomelo ihlonipha abafundi abenza unyaka wokugcina ezifundweni zobudokotela abakhombisa ubukhali ezifundweni, uzwelo nobuntu njengomufi uSolwazi Bongani Mayosi.
I-UKZN ingenye yamanyuvesi abamba iqhaza kulomklomelo wabafundi abenza unyaka wokugcina weMBChB abakhetha umfundi abafunda naye ababona ukuthi unobuchule ukwenzeni umsebenzi wesikoleni, ukuba nozwelo, ukukwazi ukuxhumana nabantu nokusebenzela umphakathi ngendlela elinganayo.
UDlamini uwine uR6 000, uTini wawina uR4 000.
‘Ngizizwa nginenhlanhla ikakhulukazi ngoba uSolwazi Mayosi wayengumholi ovelele, nesifundiswa esikhaliphile nomuntu owesekanayo engimhloniphayo,’ kusho uDlamini. ‘Kuyangithokozisa ukubonwa ozakwethu njengomuntu onezinto ezidingekayo ukuthola lomklomelo. Kuyinto engikhuthazayo ukuthi ngiqhubeke ngizithuthukise ukuthi ngibe ngumuntu ongcono ukuze kuhlomule umphakathi.
UTini ufisa ukube ngumholi nodokotela ovelele ozoqhakambisa ezempilo ‘anakekele bonke abantu ngenhliziyo enhle’.
UDlamini owazalelwa eMzimkhulu, KwaZulu-Natal, walangazelela ukusiza abagulayo ngemva kokubona abantu bakubo nabantu bendawo bebulawa yizifo ezinjengesandulela-ngculazi, isifo sofuba nomdlavuza. Ukufundela ubudokotela kwamnika ithuba ‘lokushintsha umhlaba nokwelapha abagulayo’.
UTini uthe: ‘Ngithakase kakhulu ngalomklomelo. Kimina ugcwalisa ukuthi ngenze kahle, kanti nabantu babonile. Empilweni kufanele sizame ngamandla ethu, ngisho kungathiwa sibhekene nezimo ezinjani. Endleleni siyawenza amaphutha, siyawa kodwa uma uklonyeliswa kungukubongwa kanti uyazi ukuthi kukhona into enhle oyenzile, waveza amangwevu.’
Ekhula eNanda uTini wayehlale efisa ukusiza abantu, abe namandla futhi akwazi ukutshintsha impilo yabanye abantu. Ukholwa ngukuthi indlela enhle yokwenza lokho ngukuqeda ubuhlungu ebantwini, alethe ithemba ngosizo lokuhlenga.
Ufisa ukuqhuba izifundo zakhe ngemva kokuyosebenza emphakathini bese kubanomkhakha agxile kuwona. Uthemba uNkulunkulu ukuthi amhole, amkhombise indlela.
‘Njengomuntu waselokishini, umuntu wesifazane nomuntu omnyama ngikujwayele ukusebenza kanzima ngokuphindiwe ukuze ngithole engikufunayo. Ngangiphokophele ukushintsha umlando, ngikhuthaze abanye abantu. NgoSolwazi Mayosi ngifunde ukuthi uhlanga lwakho nesimo sakho somnotho akufanele kunqinde izifiso zakho. Ungaba noma yini oyifisayo; kufanele uzethembe, ulungele ukusebenza kanzima.’
Amagama: nguLihle Sosibo
Izithombe: Zithunyelwe