
OwezezeMidlalo e-UKZN UyiNhloko Yeqembu LaseBhishi Lase-KZN
Click here for English version
UMnu Zweli Sapula wase-UKZN uqokelwe ukuba yisikhulu esiphezulu se-Pro Beach Soccer KwaZulu-Natali.
I-Pro Beach Soccer League, ezoqala kuMandulo (September), izodlalelwa e-South Beach, eThekwini, ibe yiligi yemizuliswano emibili. ‘Leligi ivunyelwe yinhlangano elawula ezikanobhutshuzwayo esifundazweni, iKZN SAFA. Ekuqaleni izodlalelwa eKZN kuphela, kuthi ngokuqhubeka kwesikhathi idlalelwe kwezinye izifunda nezifundazwe,’ kusho uSapula.
USapula, oyisikhulu sezemidlalo e-Edgewood, uthe leligi isungulelwe ‘ukunika intsha ithemba nawo wonke umuntu onothando nentshisekelo yezemidlalo, ikakhulukazi ebhishi.’
USapula uthe lomkhankaso uzophumelela njengoba izindleko zengqalasizinda zincane futhi abantu baseNingizimu Afrika bayalithanda ibhola! ‘Kulula ukuba nengqalasizinda njengoba into oyidingayo kuyindawo evulekile kuphela, isihlabathi namapali. Akudingeki makhokho abizayo; ibhola lasolwandle lidlalwa ngezinyawo. Akunqunywe minyaka, kudingeka umuntu okwaziyo qha,’ kusho yena.
Unethemba lokuthi kuzoba neqembu lesizwe laseNingizimu Afrika elizodlala imidlalo yokuhlunga ye-Afcon, liphinde lidlale imidlalo yasemhlabeni wonke. ‘Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi abadlali bangabakhokhelwayo emdlalweni abawuthandayo nabakwazi ukuwudlala. Kuzophucula ingqalasizinda, kucije abantu okukhona kubona abaqeqeshi nezikhulu njengoba bezoqeqeshelwa ukuthi basebenze emhlabeni wonke.’
USapula uhlela ukubandakanya intsha yasemalokishini ebholeni lasesihlabathini sasolwandle kuleligi entsha. ‘Intsha iyikusasa lethu kanti uma ingekho ezintweni ezintsha, izwe ngeke lishintshe kanti kuzothatha isikhathi ukuthi ifike ezingeni lomhlaba. Lomdlalo uzoqoqa intsha, unciphise isibalo sentsha edla izidakamizwa negonxa utshwala. Isifiso sami ngukuthi izoba nento eyenzayo yenze ibe nesifiso sokudlala ezingeni elikhokhelwayo.’
Ezikaqedisizungu nezokuvakasha zizoxhumana nalomdlalo, okuzodonsa abaxhasi ukuthi bakhulise futhi baxhase lomdlalo. ‘Ukuvezwa kwithelevishini kuhle ngoba abantu bayawuthanda lomdlalo kanti uzoba nento ehlukile,’ kusho yena. ‘Abaxhasi bazothola indawo yokukhangisa izinto zabo emdlalweni omusha, oyinto entsha sha ngemva kobhubhane.’
IMenenja YezeMpilo Yezitshudeni Nezemidlalo e-UKZN uMnu u-Mark Bashe ubongele uSapula, wafisela lomdlalo ukusimama nokukhula eNingizimu Afrika. ‘UMnyango wethu uthakasile ngokuthi uZweli ahole ibhola lasolwandle eKZN. Unothando, ulwazi nobuchule okudingekayo ebholeni kanti sethemba ukuthi lomdlalo omusha uzowubeka esicongweni. UZweli useqhulwini lokusimamisa uhlelo lukanobhutshuzwayo lwase-UKZN, okwenze ukuthi iqembu lethu labesilisa linqobe i-USSA National Championships ngowe-2018. Simfisela impumelelo neqembu lakhe ekuholeni loluhlelo lomdlalo webhola omusha eNingizimu Afrika,’ kusho u-Bashe.
USapula ubonge abaholi beSAFA ezweni lonke, abaholi bakasoseshini eKZN, uMasipala waseThekwini ‘ngombono nokuqonda esifisa ukukwenzela isizwe neKZN. Sifisa ukubonga uMnyango Wezemidlalo neZokungcebeleka eKZN ababone ithuba lokuthuthukisa ezemidlalo.’
USapula owenza iziqu zobudokotela kwezobuholi kwezemidlalo e-UKZN, uthe: ‘Ezemidlalo ngizithanda ngenhliziyo yami yonke. Ngiyaziphila.’
Amagama: ngu-Raylene Captain-Hasthibeer
Izithombe: Zithunyelwe