
Imiphumela Yezempilo Yondendende lwe-COVID-19
Click here for English version
Ongoti bezempilo bathole ukuthi izimpawu zondendende lwe-COVID-19, kafushane i-LC, zingadonsa amasonto afinyelela kwali-12 okunemiphumela enqala, ngokusho kwenhloko ye-Phalmonoloji e-UKZN, uSolwazi Kennedy Nyamande, obekhuluma kwiwebhina yaseKolishi LezeMpilo e-UKZN.
UNyamande nenhloko yeZokwelapha Ngaphakathi e-UKZN, uSolwazi Nombulelo Magula, nomabhalane abakhulu boMnyango weZokwelapha Ngaphakathi, uDkt Sandile Kubheka noDkt Ntobeko Biyela, bakhulume ngolwazi lwabo lwe-LC nokuthi izithinta kanjani ezempilo.
Ngokwe-National Institute for Communicable Diseases (i-NICD), i-LC ivame ukuchazwa njengezimpawu ze-COVID-19 eziba khona ngaphezu kwezinsuku ezingama-28 ngemva kokutheleleka nge-Coronavirus.
UNyamande ubalule ukuthi abantu abaningi abayihloleli i-COVID-19, nakuba benezimpawu zayo nesimo sabo siba sibi ngaphambi kokulaliswa esibhedlela belaliselwa ukula.
UBiyela uthe iziguli ezine-LC zibe nezimpawu ezinjengokukhwehlela, imfiva, izinhlobo ezehlukene zokuphelelwa ngumoya, ikhanda, izinhlungu esifubeni, ubuhlungu bezicubu, izifo zamathambo, ukuhlushwa yisisu, izinkinga zesikhumba, ukuqwasha nexhala.
Izikhulumi zidingide izimo zeziguli ezine-LC:
Kwesinye isimo indoda eneminyaka engama-53 yayiba nephika ngemva kokunyuka izitebhisi ezimbalwa, okwenzeka ngemva kwezinyanga ezinhlanu itholakale ukuthi ine-SARS-CoV-2. Lesisiguli, esasinomlando wesifo sikashukela i-Type 2, yelashwa egunjini labagula kakhulu ngobuxhakaxhaka be-Intensive Care Unit (i-ICU) ne-High Flow Nasal Oxygen (i-HFNO) neNon-Invasive Ventilation (i-NIV) nomuthi omningi i-prednisone. Isiguli sadedelwa kanti azisabonakali manje izimpawu zokugula.
Kwesinye isimo, umuntu wesifazane oneminyaka engama-66 watholakala ene-LC ehambisana ne-pulmonary hypertension (i-PHT), nesifo samaphaphu ne-pulmonary embolism. Ngemva kokwelashwa nge-prednisone, isiguli sadedelwa nemithi kodwa sabuya emva kwenyanga sinezimpawu ezifanayo ngemva kokubuye angawadli amaphilisi. Emithini yasesibhedlela kwakukhona i-Warfarin, i-low molecular weight heparin kanjalo i-prednisone. Ngemva kwezinsuku eziyisishiyagalombili isiguli singeniswe esibhedlela sashona.
UNyamanda ugcizelele ukuthi kumqoka ukubheka umlando wesiguli, sixilongisiswe, kutholakale ukuthi siphethwe yini bese sithunyelwa kungoti ofanele. ‘I-LC ivame ukuvela ngenkathi igciwane selihlasela ingqondo. Lokhu kuthathwa njengokuphazamiseka kwengqondo okuyimbelesela kanti kuvame ezigulini ezine-LC. Iziguli eziningi kudingeka zithunyelwe ezindawo zezempilo ngenxa yokuveza izimpawu ezilandela ukugula nokhwantalala. Kumqoka nokuthi isiguli sithole ukwesekwa lapho sikhonza khona, umndeni nabangani,’ kusho yena.
UBiyela wethule indaba yeziguli ezimbili ezine-LC ezazisesibhedlela. Esokuqala kwakuyindoda yeNdiya eneminyaka engama-49 eyayinephika nobuhlungu bezibucu. Yayingenazo izifo eziyimbelesela kodwa inesisindo esingu-30kg/m2. Kwatholakala ukuthi ine-pneumonia futhi izimukile. Yayikade ihlangane nabantu ababili abane-COVID-19 emsebenzini wayo. Ngemva kwezinsuku eziyisikhombisa ihlangane nabo, yaya eholidini ingakakhombisi zimpawu zokugula. Ngosuku lwe-11 yaqala yakhombisa izimpawu, kwathi ngosuku lwe-12 yangeniswa esibhedlela. Lesisiguli safakwa emshinini wokuphefumula.
Ngosuku lwama-53 kwatholakala ukuthi ine-pulmonary fibrosis ne-thromboembolic.
UBiyela ubalule ukuthi abantu abazimukile ngomzimba basengozini enkulu yokutheleleka. Igciwane le-SARS-CoV-2 lithanda ukuhlala ezicutshini i-ACE2, bese lingena kalula emntwini. Ngemva kokwelashwa, isiguli sakhishwa esibhedlela ngosuku lwama-86.
Odabeni lwesiguli sesibili kwatholakala ukuthi umuntu wesifazane ongumuntu oneminyaka engama-49 onegciwane lesandulela-ngculazi elingamxinile waqala wakhwehlela egokloza kubuhlungu uma ekhwehlela. Wayedinga umoya omncane. Watholakala ene-COVID pneumonia ne-PE kodwa welulama, wakhishwa esibhedlela ngosuku lwama-77.
Inkulumo kaDkt Kubheka kwiwebhina ibigxile emiphumeleni yohlelo lwezempilo. UKubheka, ongudokotela omncane kunabo bonke eNingizimu Afrika njengoba athweswa iziqu zobudokotela e-UKZN eneminyaka engama-20, manje wenza ezeMastazi kwezobudokotela.
UKubheka uthe: ‘Ayikho into efanayo ngomphumela we-COVID kwabahluphekayo uma beqhathaniswa nabanye abantu. Imigomo ye-World Health Organization ikhuluma ngobumqoka bokuzigonqisa kwabatholakale benegciwane ngenkathi behlolwa. Esimweni saseNingizimu Afrika, lapho abantu behlala ngokumpintshana khona akwenzeki lokhu. Ngenxa yokushoda kwamanzi, ukumpintshana nokuswela amanzi, lezizincomo kunzima ukuzilandela ngaphansi kwalezizimo.’
UKubheka uqhube wathi eNingizimu Afrika kunabantu abayisigidi esi-1.6 abatholakale bene-COVID-19, kanti iningi labo lihlolwe ezibhedlela ezizimele.
Kepha noma zikhona izinselelo uSolwazi Magula uthe: ‘Ingaba khona imiphumela emihle nakuba kunokungalingani kwezempilo zakithi. Uma sibheka ezimweni eziningi ze-LC etholakale ezibhedlela zethu, izinga lokwelulama lihle kakhulu lapho abantu benakekelwa khona.
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Izithombe: Zithunyelwe