
I-CHS Yemukele iDini Entsha NeNhloko YeSikole SeZempilo
Click here for English version
USolwazi uKhathutshelo Percy Mashige uyiDini entsha neNhloko yeSikole sezeMpilo e-UKZN.
‘Ngiyaziqhenya futhi ngiyajabula,’ kusho uMashige. ‘Bengizibona nginethuba lokuqokwa kodwa futhi nginovalo nexhala.’
Uhlose ukukhuthaza futhi eseke abasebenzi baseSikoleni ukuthi babambe iqhaza ocwaningweni lokubambisana kulelizwe naphesheya. ‘Inhloso yami ukuba sikhiqize abafundi abaneziqu zokuqala ezisezingeni eliphezulu ezifundweni zethu ukuqinisekisa ukuthi sihlala sihlonishwa,’ kusho yena.
‘Okunye engikufisayo ukuthi iqhaza lethu emphakathini ligxile ekusunguleni izindlela ezingacekeli imvelo phansi ukuze sikhulise izinsiza-kusebenza zethu,’ kusho uMashige. ‘Ngaphezu kwalokho, ngihlose ukusungula izinto ezizokwenza ukuthi isimo sezimali eSikoleni sisimame, ngikhuthaze osomabhizinisi abafukula umphakathi nokuxhumanisa imfundo nababengabafundi,’ kusho uMashige.
Uthe yizinselelo ezintsha ezimgqugquzelayo. ‘Ngingekwazi ukusiza wonke umuntu kodwa ngikholwa wukuthi ngingumuntu olalelayo nongenekayo.’
UMashige, owazalelwa eLimpopo nowalimala umgogodla ngemva kwengozi yemoto, akavumelanga lokhu kulimala kumnqinde njengoba engumuntu ovelele ezintweni eziningi waphinde waklonyeliswa ngeziqu zeMasitazi kwi-Ophthomethri neziqu zobudokotela kwezeSayensi yezeMpilo, iziqu azithola e-UKZN.
Unesitifiketi kwi-Ocular Diagnostics sase-New England College of Optometry e-Boston eMelika kanti wenza izifundo ze-Ocular Therapeutics ezifundiswa ngokuhlanganyela yi-UKZN ne-State University of New York (i-SUNY).
Waba yiNhloko yoMnyango we-Ophthomethri kusukela ngonyaka wezi-2007 kuya kowezi-2013, waba sezikhundleni zobuholi ezehlukene eNyuvesi okubalwa kuzona ukuba seNdlini yeziGele, ne-College of Health Science Transformation Committee.
UMashige, ogabe ngeminyaka yokufundisa i-ophthomethri eyevile kwengama-20, uneqhaza ekulawulweni nasekuthuthukisweni kwezifundo ze-ophthomethri njengoba enguSihlalo we-Education Committee of the Professional Board for Optometry and Dispensing Opticians.
UyiSikhulu esiPhezulu se-African Vision Research Institute (i-AVRI), eyenza umsebenzi wokuzama ukunciphisa umthwalo wokungaboni nowokukhubazeka ngamehlo e-Afrika ngokwenza ucwaningo lokulawula izifo nokuthuthukisa abantu nengqalasizinda.
UnguSihlalo wesikhungo sezemfundo esifundisa ngobuchwepheshe besimanje i-Global Institute for Entrepreneurship and Ethic nomunye wabasunguli noSihlalo we-Community Self Mastery Coaching Institute, egxile ekufundiseni nasekucijeni intsha, abantu besifazane, abantu besilisa nemindeni imigomo nezindlela zokuphila ngethemba nsuku zonke.
UMashige usake wathola i-United Kingdom’s Economic and Social Research Grant kanti ungumcwaningi we-Developing Research Innovation, Localisation and Leadership (i-DRILL) Fellow.
Uyisekela loMhleli webhuku locwaningo i-BMC Ophthalmology kanti ukwi-Editorial Advisory Board ye-South African Health Review.
Ungusosayensi ogunyazwe yi-National Research Foundation kanti useshicilele amaphepha ocwaningo angaphezu kwama-70 emabhukwini ocwaningo asezweni nawaphesheya.
UMashige, owayezifela ngezemidlalo ngaphambi kokulimala, uthanda ukubukela ezemidlalo, ukuhlala nabangani nomndeni. Uyaziqhenya ngomndeni wakhe omesekayo othanda impumelelo yakhe kwezemfundo.
Amagama: nguNombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe