
Uthisha WezeNhlalakahle Uvakashele e-Ma’at Institute Kwethulwa Incwadi Yezingane
Click here for English version
Uthisha wezeNhlalakahle uDkt Maud Mthembu uvakashele e-Ma’at Institute (eyayibizwa ngoPhiko lwe-Afrokholoji) ukuyokwethula amakhophi encwadi yakhe entsha yezingane ebizwa ngokuthi Uhambo Lwami ngesikhathi seKhovidi. Lencwadi izosetshenziswela ukuqala ingxoxo phakathi kwezingane nosonhlalakahle ngeCOVID-19.
IPhini Lesekelashansela neNhloko yeKolishi lezesiNtu uSolwazi Nhlanhla Mkhize nguyena owemukele lezizincwadi, wabonga kuDkt Mthembu ngokweseka umsebenzi abawenzayo emphakathini.
‘Inhloso yokusebenzisa lencwadi wukuzwa ezinganeni uqobo ukuthi zicabangani, ziphatheka kanjani. Ulimi lwencwadi luhambisana nezingane ukuze kuqondakale kahle imibono yazo ngeCOVID-19,’ kusho uMthembu.
‘Uphakamisa ukuthi isetshenziswe ngosonhlalakahle nothisha besiZulu ukuqala ingxoxo nezingane ezivela emiphakathini ehlukene. ‘Lencwadi ibhalwe ngeso lezingane, njengoba isuselwa nasentweni eyenzeka ngempela; igxile ezinganeni,’ kwengeza uMthembu. ‘Izokwenza izingane zikwazi ukuveza imibono yazo ngeCOVID-19.’
I-Ma’at Institute yasungulwa eSikoleni Sezifundo NgenhlalosiNtu elandelwayo eKolishi lezesiNtu ukubhekana nezinselelo ezikhona emikhakheni ehlukene ngeso lesiNtu, imigomo nezinkolelo zesiNtu.
Ukuqanjwa kabusha koPhiko lwe-Afrikholoji kuthiwe yi-Ma’at Institute kwenziwa yizinhlelo eziseqhulwini njenge-COVID-19 Psychosocial Internship Project (i-CPIP). Loluhlelo olokubhekana nesimo sobhubhane nokweseka ngokwengqondo abantu abathintwe yiCOVID-19, okukhona abantu abangamakhulu, izikhungo nemiphakathi abanezinselelo ezihlukene.
Amagama: nguSinoyolo Mahlasela
Isithombe: Sithunyelwe