
Sikhumbula Lapho Sivela Khona
Click here for English version
Mhla wama-27 kuMbasa (April) wezi-2021 abantu baseNingizimu Afrika bagubhe iminyaka engama-27 yokhetho lokuqala lwentando yabantu olwavula isahluko esisha somlando ezweni elalinobandlululo nengcindezelo.
NgoSuku LweNkululeko sigubha umzabalazo wentando yabantu nabaholi abaletha lolushintsho. Nakuba kusenokungalingani okuningi okudinga ukulungiswa, kumqoka ukugubha inkululeko yethu emaketangweni ombusazwe angaphambi kwangonyaka wezi-1994.
Ngesikhathi sombuso wobandlululo, abantu baseNingizimu Afrika abaningi babengenalo ilungelo lokuvota. Ngenkathi izwe lishintshela ekubeni ngelentando yabantu ngowezi-1994, ukuqhakambisa ukulingana kwabuyisa isithunzi kwabaningi ababencishwe amalungelo abo amqoka wuhulumeni wengcindezelo. Ukuzidela kwabaholi abaningi bomzabalazo kwenza ukuthi sinqobe uhulumeni wengcindezelo.
Umlando wokudliwa kwezwe laseNingizimu Afrika mude, ngakho kumqoka ukunika izinhlangano zenkululeko indawo yazo. Uhulumeni wengcindezelo owathatha izintambo ngowezi-1948 wawuqhakambisa ukucwasana nombuso wedlanzana labamhlophe. Abantu baseNingizimu Afrika abaningi babengenalo ilungelo lokuvota futhi bencishwe amathuba. Ngemva kwemibhikisho eminingi nokwanda kokubhekana ngeziqu zonke izinhlanga zabamba iqhaza okhethweni lokuqala ngonyaka wezi-1994. Kwaba namavoti alinganiselwa ezigidini ezingama-19.7, i-African National Congress yanqoba ukhetho ngama-62.65% evoti (www.sahistory.org.za/dated-event/freedom-day-celebrated-south-africa). Lokhu kwaholela ekutheni u-Nelson Mandela abe ngumengameli wokuqala omnyama waseNingizimu Afrika.
Ekhuluma nesizwe mhla wama-27 kuMbasa (April) nonyaka, uMnu Cyril Ramaphosa uthe indikimba yakulonyaka ithi: ‘The year of Charlotte Maxeke: The meaning of freedom under COVID-19’ (www.gov.za/FreedomMonth2021). UMaxeke wayehlale elungele ukusebenzela abanye abantu futhi eyingqalabutho yomzabalazo ngesikhathi lapho ukulwa nobandlululo kwakunesijeziso esinzima. Kufanele sikhumbule uMaxeke ngokubambisana njengezwe empini yokulwa neCOVID-19.
UNkk Nkosingiphile Ntshangase uyi-Marketing Assistant e-UKZN Extended Learning, ugxile kwezokuphathwa kwezinkundla zokuxhumana, ezokukhangisa, ezokuxhumana nokubhalwa kwama-blog.