
Abesifazane Base-Afrika Bashicilele Ucwaningo LweFiziksi Ngezasemkhathini
Click here for English version
Kokungavamile, abesifazane base-Afrika abathathu bahlangene bashicilela ingqophamlando yocwaningo emkhakheni yocwaningo lwefiziksi yasemkhathini.
UCwaningo lukaDkt Judy Stephenson, uDkt Zama Katamzi-Joseph noNks Tsige Atilaw olubizwa nge: Multitaper Analysis of an MSTID Event Above Antarctica on 17 March, 2013, lushicilelwe ebhukwini locwaningo olubuyekezwe ngabalingani kwi-Polar Science.
Ucwaningo lwabo lugxile ekucwaningeni i-Medium-Scale Travelling Ionospheric Disturbance (i-MSTID) abayibuke kanyekanye kwi- South African National Antarctic Expedition (SANAE) ne-Halley SuperDARN kwase-Antarctica. Ukuhlaziya kwabo kusebenzise izindlela eziningi, ezibuye zaziwe nge-Multitapering, okuyindlela ephucuzekile. Ibhuku locwaningo lwabo lufaka ukuphela kwamandla kokushisisa kwe-Joule ngenxa ye-MSTID.
U-Stephenson, owazalelwa eMalawi, uneziqu zobudokotela kwi-Atmospheric/Solar Physics zase-UKZN. Kumanje ungumcwaningi ngokugcwele nemenenja yedatha ye-South African SuperDARN radar e-UKZN, lapho eluleka khona izitshudeni ezenza ucwaningo kusukela kwi-Onazi neMasitazi kanti ungumfundisi we-Magnetospheric Physics.
UKatamzi-Joseph, waseNingizimu Afrika, uneziqu zobudokotela kwi-Ionospheric Physics zase-Bath University yase-United Kingdom, kumanje ungumcwaningi e-South African National Space Agency (e-SANSA) nomcwaningi e-Rhodes University nomfundisi we-Ionospheric Agency e-UKZN.
U-Atilaw, odabuka eTopiya, wenza iziqu zobudokotela kwi-Magnetospheric Physics e-Rhodes University.
U-Stephenson nabalingani bakhe basebenzise ama-SuperDARN radar ase-SANAE nasenkambini i-Halley ukubheka ama-Travelling Ionospheric Disturbance ocwaningweni lwabo. I-SuperDARN yisifinyezo senhlanganisela ye-radar kwi-space physics. Lama-radar yingxenye yesibhakabhaka equkethe ama-iyoni nama-elekhtroni akwazi ukuveza amaza. Ezindaweni ezimakhaza, i-ionosphere iyisivikelo ezimweni zezulu. Lokhu kungenxa yendawo enozibuthe kulezizindawo. Uma kuhlanganiswa ama-SuperDARN radar abalelwa kuma-35, kubumbeka amabalazwe esimo sezulu ezifundeni ezinamakhaza ezisenyakatho naseningizimu.
Imininingwane etholwa ngabacwaningi kuma-radar ngeyezinga eliphezulu ngokwesikhathi nokwasemkhathini njengoba yenza ukuthi bakwazi ukukala ijubane le-TID. Ngokuhlaziya besebenzisa i-radar bakwazile ukulinganisa ukuthi angakanani amandla aphelela kwi-TID ngoku‘shabalala’ kwegagasi le-TID kwi-ionosphere. Kulinganiswa ukuthi ifinyelela ezingeni elingu-55kW, okungamandla omlilo adingeka ukubilisa iketela izikhawu ezingama-20. Yisilinganiso sokuqala lesi esishicilelwe esaziwa ngabacwaningi kanti senza ama-TID isithuthi samandla esimqoka.
‘Ukuphazamiseka noma umthombo we-TID kungenzeka ukuthi ube ngaphandle,’ kusho u-Stephenson. ‘Amandla okushisa angenza kubhimbe uhlelo kanti kulokhu yi-TID. Noma umthombo ungaba ngaphansi kwe-ionosphere ngokwamandla esibhakabhaka. Lokhu kulinganisa amandla kusho ukuthi ama-TID amqoka ekuqondeni nasekuhloleni isimo sezulu emhlabeni. Eqinisweni athinta ukuhamba kwamandla emkhathini emhlabeni.’
U-Stephenson uthe okunye kuyaziwa ukuthi ama-TID angadala inkinga emhlabeni kwezokuxhumana. ‘Ikakhulukazi angaba nomphumela ongemuhle kumasathelathi. Ukuphazamiseka ekudonseni kungabanga izinkinga ekuxhumaneni nezinkinga ekumeni kwe-GPS.
‘Ucwaningo lwama-TID lunesidingo esikabili kwifiziksi yasemkhathini ngenxa yokuthi kuthinta izimo zokuxhumana okuncike kwi-ionosphere.’
Abacwaningi babalule ukuqonda kangcono i-ionosphere, njengokushintsha kakhulu kwamandla ama-elekhtroni okubangwa ngama-TID, kungaholela ekuqaguleni kangcono isimo se-ionospheric, okungaholela ekunciphiseni amaphutha kwi-ionospheric ekuxhumaneni kwizabelo-mali zezamandla emhlabeni.
Amagama: ngu-Nicole Chidzawo
Izithombe: Zithunyelwe