
Isifundiswa KwezesiNtu Sibekwe Esicongweni Yi-National Research Foundation
Click here for English version
USolwazi WeSayikholoji eSikoleni Sezifundo Ngenhlalosintu Elandelwayo u-Kevin Durrheim sibekwe ezingeni eliphezulu, phecelezi i-A-rating, yi-National Research Foundation (i-NRF).
Abacwaningi abavelele yizifundiswa ezihlonishwa ngokuba sezingeni eliphezulu emikhakheni yazo namagalelo ocwaningo ezisanda kulwenza.
‘Ngithakasile ngokuhlonishwa komsebenzi wami weminyaka,’ kusho u-Durrheim. ‘Kuyajabulisa. Nakuba uhlelo lokuhlonipha abacwaningi luvame ukugxila kumuntu oyedwa ngenxa yomsebenzi wakhe kodwa kufanele kukhunjulwe ukuthi ucwaningo wumsebenzi wabantu abaningi, owenziwa ngokuhlanganyela nabalingani nabafundi kanti esimweni esifana nesami nabelekeleli nabangani. I-UKZN ne-NRF bangeseke kakhulu ocwaningweni.’
U-Durrheim uyisazingqondo sezenhlalo ocwaningo nokucabanga kwaso kubunjwe wukuphila ngaphansi kwesimo sobandlululo noguquko eNingizimu Afrika.
‘Uthando lwami olukhulu wukuqonda ukuthi ubunjalo babantu ngokwezenhlalo, izinto ezenziwa emphakathi nomhlaba kuguquka kanjani ngenkathi kuzama ukuhambisana nesimo nokuthi abantu ababhekene nalezizigemegeme baziphatha kanjani ngokuveza izinto nezinhloso zangalesosikhathi naleyondawo,’ kusho yena.
Izinto u-Durrheheim athanda ukuzicwaninga ziwushintsho, ubudlelwano phakathi kwezinhlobo ezihlukene zabantu, ukucwasa, ubandlululo, ukuhlukanisa abantu, ukuhlanganisa noshintsho emphakathini. ‘Imibono ivezwa njengesisekelo sobunjalo bethu kanti esikwenzayo ngazo nezinto ezenzeka phakathi ezinhlobeni ezihlukene zabantu kungasivimba ukuthi sibe wumphakathi onobulungisa nophumelelayo.
Useke wabhala amaphepha ocwaningo ashicilelwe emabhukwini ocwaningo afana ne-American Psychologist, i-British Journal of Social Psychology, i-European Journal of Social Psychology, i-Psychological Science ne-Brain and Behavioural Sciences. Useke wabhala ngokuhlanganyela, waphinde wahlela ngokuhlanganyela izincwadi.
Umsebenzi wakhe ezindleleni zocwaningo nokuxhumana kwezinhlobo ezihlukene zabantu wokhele uthando ekwenzeni ubuchwepheshe bokubheka ukuxhumana kwezinhlobo ezihlukene zabantu. Inkundla yokucwaninga i-Virtual Interaction Application (i-VIAPPL) yenza abacwaningi bakwazi ukucwaninga izindlela zokuxhumana kwabantu ezimweni ezilawulwayo nokuhlola ubuqiniso ngezisekelo zokwenza kwabantu. (bheka u-www.viappl.org).
‘Ngiyazithanda izinselelo eziningi ezilethwa yi-VIAPPL nokukwazi ukubambisana nocwaningo eyenza lukwazi ukwenzeka,’ kusho u-Durrheim.
Iseluleko sakhe kubafundi nezifundiswa sithi: ‘Ucwaningo lungumsebenzi onzima kodwa kufanele lube mnandi. Kunobumnandi ekusebenzeni nabanye abantu. Kumnandi ukuthola ukuthi umhlaba esiphila kuwona unjani, senze futhi sithuthukise izindlela eziveza lezi zinto bese sibhalela umphakathi womhlaba wezifundiswa ngeso lethu siseNingizimu yomHlaba.’
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe