
Umqondisi we-Centre for Creative Arts Uklonyeliswe NguMongameli Wase-France
Click here for English version
Umqondisi we-Centre for Creative Arts (i-CCA) engaphansi kweKolishi lezesiNtu uDkt Ismail Mahomed uklonyeliswe nge-National Order of Merit award egameni likaMongameli wase-France.
Lomklomelo, oqhakambisa umsebenzi omuhle owenzelwa i-France, unikezwa labo ababeneqhaza ekusabalaliseni igalelo le-France ngokwesimo sabo, abasabalalise isiko lase-France ngokwezinto abazenzayo nalabo abaneqhaza lokuphucula impilo yabantu base-France baphesheya.
‘Ngibonga amaciko aseNingizimu Afrika nawase-France engisebenze nawo iminyaka eminingi egameni lokusebenzisa ezobuciko ukwenza indawo lapho kunobulungiswa khona.’
Inxusa lase-France eNingizimu Afrika uMnu u-Aurélien Lechevallier, owethule lomklomelo, uthe: ‘Sibungaza uDkt Ismail Mahomed ngokuba yisishoshovu sezobuciko, ngomsebenzi wakhe omuhle ubesebenza ngokuzikhandla ukuvikela amalungelo amaciko kulelizwe esilazisayo.
‘Sibungaza nomngani, okuxhasa kwakhe i-France nokubambisana ne-France kungelinganiswe nalutho nebesicela izeluleko zakhe minyaka yonke ukwakha ubudlelwano nomkhakha wezobuciko waseNingizimu Afrika obuqinile kodwa ikakhulu esibazisayo,’ kusho u-Lechevallier.
Ngonyaka wezi-2016, uMahomed waklonyeliswa nge-Chevalier des l ‘Ordre des Artes et des Lettres (i-Knight of the Order of the Arts and Literature) yase-France.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe