
Umfundi weMastazi Ushicilele Incwajana ye-French-isiZulu
Click here for English version
Umfundi weMastazi Kuzifundo zesiZulu, uMnu Mongezi Bolofo usanda kushicilela incwajana ebizwa ngokuthi yi-French-IsiZulu Manual of Conversations, okuyingqophamlando ehlanganisa isiFrentshi nesiZulu.
UBolofo uhlanganyele lencwajana noDkt Michel Lafon, isifundiswa sezilimi zesiNtu esesathatha umhlalaphansi.
‘Lencwadi yethula isisekelo solimi lwesiZulu okuzosiza amazwe okukhulunywa isiFrentshi kuwona ukuthi afunde lolulimi. Izolekelela ekutheni isiZulu sisabalale,’ kusho uBolofo.
Lencwadi inesingeniso sezenhlalo nomlando wesiZulu, incazelo emfishane ngolimi lwesiZulu nayo ehlukanisiwe ukuchaza izinto ezimqoka ohlelweni lwesiZulu ngokubalula umehluko phakathi kwesiFrentshi nesiZulu neqoqo lezingxoxo ezibanzi ngezihloko nezimo umuntu oyisivakashi angazithola kuzona.
Ngenkathi esasebenza noLafon engumsizi ocwaningweni, uBolofo waphakamisa ukuthi kuhlanganiswe incwajana yezisho ukusiza abantu abakhuluma isiFrentshi ukuthi bafunde isiZulu kanti lokho kuholele ekubhalweni kwalencwajana. ‘Ngaqala lomsebenzi ngoba ngifisa ukusiza abantu bokufika abakhuluma isiFrentshi abaningi, oningi labo lidabuka emazweni ase-Afrika, asebakhile eNingizimu Afrika nabafisa ukufunda isiZulu ukuze bahlalisane kahle nabangumsinsi. Sikholwa wukuthi kulula ukufunda ulimi ngolimi lwakho noma-ke ngolimi olwazi kangcono,’ kusho uBolofo.
Njengesifundiswa solimi sangomuso nesishoshovu, uBolofo ukholwa wukuthi ‘Izilimi zesiNtu kufanele zisebenzise indlela ezisebenzisekayo ukwakha ubudlelwano nezinye izilimi. Akulungile ukuba kuvulwe amathuba ezilimini zesiNtu ngokusebenzisa isiNgisi kuphela. Kudingeka semukele abantu bawo wonke amazinga ukuthi bafunde izilimi zethu, sithole ithuba lokucobelelana ngamasiko nobuhlakani.’
Incwadi itholakala ku: www.editions-harmattan.fr/index.asp?navig+catalogue&obj=result
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe