
Ukuhlonipha Ukubaluleka Kwempilo
Click here for English version
Indikimba yoSuku LwezeMpilo Emhlabeni, olugujwe mhla we-7 kuMbasa, ‘bekungukwakha umhlaba ongcono nonempilo kuwo wonke umuntu.’
Lolusuku lugujwa minyaka yonke ukufundisa ngezihloko ezimqoka ezihlukene ngezempilo, lapho kugcizelelwa khona umgomo womthethosisekelo we-World Health Organization othi ‘ukuthola izinga eliphezulu lezempilo ngelinye lamalungelo amqoka abo bonke abantu, kungakhathaleke hlanga, nkolo, izinkolelo zombusazwe nesimo somnotho noma senhlalo (www.who.int/about/who-we-are/constitution).
Kulonyaka bekugxilwe ‘ekwenzeni umhlaba ongcono nonempilo kuwo wonke umuntu’ ngenxa yomphumela weCOVID-19.
Uma sibheka izinto ezinhle kwezimbi, ubhubhane lulethe amathuba ezindaweni nasemikhakheni eyehlukene okubalwa kuzona amasu nezindlela zokufunda ngaphandle kwenyuvesi, izindlela zokusebenzela emakhaya nezingosi zokuxhumana ngobuchwepheshe.
Kepha okumqoka wukuthi lubhubhise umhlaba kwathi ngaphezu kwesibalo esikhulu sokufa kwabantu, lwadala ubunzima obuningi. Isibonelo nje, kwande isibalo sabantu abangasebenzi, kwaholela kubhubhane nokushoda kokudla; okubhebhezela ukungalingani ngokwenhlalo nezempilo.
Abantu abayizigidi baphathwe kabi wubhubhane, kwathi abantu abathinteka kakhulu kwaba yilabo abantulayo nabaswele izinto ezifana nezimpahla zokuzivikela obhubhaneni nezinsiza zezempilo.
Ubhubhane lugqamise ubumqoka bokubambisana kwezempilo, i-World Health Organization inxuse abaholi bezempilo nezikhulu zikahulumeni ukuthi zifake ‘abantu’ kuzinqumo abazithathayo.
Nanka amasu okuthi ungayeseka kanjani imigomo yoSuku LwezeMpilo Emhlabeni kulonyaka:
• Qala ukudla ngendlela efanele, udle ukudla okunomsoco
• Zama ukulala ngokwanele
• Zinakekele, ugweme ukuba nokukhwantalala
• Nakekela isimo sengqondo yakho
• Zama ukuzivocavoca
• Yazi ngezifo ezingakuphatha ngenxa yomlando wakini
• Hlala wazi ngesimo sempilo yakho
‘Impilo iwumsebenzi wakho. Ukwenza impilo kungukuvuselela umzimba, ingqondo, imizwa nomfutho wempilo yakho kufinyelele ezingeni eliphezulu.’ – Sadhguru
Amagama: nguNkosingiphile Ntshangase
Isithombe: Sithunyelwe