
Isifundiswa Sase-UKZN Siphathe Uhlelo Lomhlangano Wokuqala Wocwaningo NgeCOVID-19 Ezindaweni Ezisemakhaya
Click here for English version
Ososayensi, okubalwa abane base-UKZN, bebesemhlanganweni wokuxhumana ngobuchwepheshe wokuqala nabalingani bakuleli ukucaba umhlahlandlela wocwaningo olusha okukholakala ukuthi luzokwenza kube nokuqonda kabanzi ngobhubhane iCOVID-19 ngezindlela ezihlukene lapho kuzobe kugxilwe khona endleleni yokuziphilisa yabantu basemakhaya.
Lolu cwaningo luzobheka imikhakha emibili, okungamakhaya nomasipala.
USihlalo wase-UKZN we-SA Research Chairs Initiative on Sustainable Local (Rural) Livelihoods uSolwazi Betty Mubangizi, onguMcwaningi oMkhulu, ubephethe uhlelo. USolwazi Mubangizi ubenabasizi abangabacwaningi base-UKZN, oDkt Okem Andrew Emmanuel weSikole seziFundo ngokuPhilayo, uDkt Londeka Ngubane weSikole seziFundo ngeNhlalosintu Elandelwayo noDkt uSokfa Francis weSikole Kwezokuphatha, Ezobuchwepheshe Nezokubuza.
Kubalingani baphesheya bekukhona uDkt Ibrahima Barry wase-National Agro-Food School of Nantes eFrance noMnu Niyi Adekanla we-AIDLINE Research Ventures eNigeria.
Lo msebenzi weminyaka emibili owenziwa yithimba labacwaningi abanikwe iCOVID-19 Africa Grant yokwenza ucwaningo olubizwa ngokuthi Understanding the Interplay Among Vulnerabilities, Livelihoods, and Institutional Dynamics in the Context of COVID-19: A Case Study of Selected Rural Communities in South Africa.
Usizo lwemali luvela kwi-Science Granting Councils Initiative in Sub-Saharan Africa.
Kuthenjwa ukuthi lolu cwaningo luzokhanyisa ngobhubhane i-COVID-19 ngezindlela ezehlukene ezigxile ezindleleni zokuziphilisa zasemakhaya.
Kulo mhlangano wokwethula, ohlanganise abacwaningi nabalingani babo ukuze bahlahle indlela, bekukhona iMenenja kaMasipala waseMatatiele uMnu Matiwane Lizo, uzakwabo waseBizana uMnu Luvuyo Mahlaka noMxhumanisi noMphakathi waseBizana uNks Nyameka Ngejane.
Lolu cwaningo kulindeleke ukuthi luzoheha abalingani bakuleli zwe ukuthi babeyingxenye yokuqhamuka nolwazi olusha, ukuqeqesha abantu balapha okuhambisana noMgomo 3 wohlelo lwase-UKZN ohlose “ukugqugquzela iqhaza elikhulu lomphakathi.’
Zombili izimenenja zikamasipala zizwakalise ukuweseka lo msebenzi, zethembisa ukusiza ukuqinisekisa iqhaza labalingani bendawo elidingeka ukuthi lo msebenzi ube yimpumelelo.
USolwazi Mubangizi ubonge abacwaningi, wezwakalisa ukuthi uyethemba ukuthi lo msebenzi uzoba yimpumelelo, uthele izithelo ezibonakalayo emiphakathini ekhahlanyezwe yizinto ezimbi njengokuguquguquka kwesimo sezulu nobhubhane i-COVID-19.
Amagama: yi-NdabaOnline
Isithombe: Sithunyelwe