
Isifundiswa Sase-UKZN Sesingumsakazi Kwi-Power FM
Click here for English version
Isifundiswa sase-UKZN nomhlaziyi wezepolitiki uMnu Lukhona Mnguni usengumsakazi omusha wohlelo i-Power Perspective kwi-Power FM.
UMnguni uzoba semoyeni kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine phakathi kwehora lwesi-8 ebusuku kuya kwele-9 kanti wethembisa abalaleli bakhe ingxube yezemfundo nobumnandi ohlwelweni lwakhe.
Lolu hlelo lwengxoxo luzogxila endleleni entsha yokuqonda ezePolitiki, ezoMnotho, ezeMfundo, ezeNtuthuko, Ukuqamba okusha, iSayensi, ubuCiko nezinye izinto izwe elibhekene nazo ukwenza ukuthi abalaleli baxoxe ngazo bebheka isimo sezwe.
‘Ngifisa ukufundisa, ngiqwebule amehlo ngokwenza abantu ukuthi basukumele izinto zomphakathi wabo. Uma ngingenza okuncane kwaloku, kuyobe ngiphumelele. Yebo, ngingathanda ukuthi kube wuhlelo olwaziwa ngezingxoxo ezinolwazi ngesimo sezwe lethu nomhlaba esiphila kuwona. Ngifisa ukwenza abantu bangazisoli ngesikhathi sabo sokulalela lolu hlelo nokuheha abalaleli abasha bohlelo,’ kusho yena.
Ubonga uyanconcoza ngokunikwa ithuba lokwenza uhlelo oluzoba nezinhlobo zabantu ezihlukene basezindaweni ezihlukene.
Omunye wezimenywa zakhe bekunguMengameli Cyril Ramaphosa ababheke izihloko ngokuvuselela nobumbano enhlanganweni, okuyinto esibe sematheni isikhathi eside seloku i-ANC yaphatha izwe.
‘Nginento entsha engiyenzayo ohlelweni, lapho ngixoxa nabantu abaningi abaqavile baseNingizimu Afrika ukuthola uvo lwabo ngezwe lethu nomhlaba,’ kusho yena.
Uzoqhubeka nokuhlaziya ezombusazwe, abuye azofundisa eNyuvesi ngemva kokuqeda izifundo zobudokotela.
Amagama: ngu-Sinoyolo Mahlasela
Isithombe: Sithunyelwe