
Isifundiswa Sakwa-Humanities Siklonyeliswe Nge-VC Research Award
Click here for English version
USolwazi Hangwelani Magidimisha-Chipungu waseSikoleni SeziFundokuhlelwa Komumo Wezakhiwo Nentuthuko uklonyeliswe nge-Vice-Chancellor’s Research Award ngenxa yeqhaza lakhe elincomekayo negama lakhe elihlonishwayo emhlabeni kulo mkhakha.
‘Ngijabule kakhulu ngalo mklomelo. Bengingeke ngiwuthole ngaphandle kwesimo esivumayo esidalwe yi-UKZN ukuthi ngikhule ngenze kahle, ‘ kusho uSolwazi Magidimisha-Chipungu. ‘Ngibonga umyeni wami nabantwana bami abahlale bekhona uma ngibadinga. Lo mklomelo ungikhuthaza ukuthi ngiqhubeke ngisebenze ngokuzikhandla.’
‘Usikhumbuza futhi ukuthi iNingizimu Afrika inamathuba amaningi avuleke kubona bonke abazimisele ukusebenza kanzima, baphokophele okuyindlela enhle yokwenza kahle.’
IDini neNhloko yeSikole uSolwazi Ernest Khalema ithe: ‘Sonke siyaziqhenya ngomsebenzi wakhe wocwaningo ohlahla indlela futhi sibonga iNyuvesi neSekela Shansela lethu ngokumklomelisa,’
USolwazi Magidimisha-Chipungu ungusihlalo we-SA Research Chairs Initiative (i-SARChI) on Inclusive Cities okumenza abe ngusihlalo omncane kunabo bonke eNyuvesi. Ungumcwaningi obhaliswe yi-NRF kanti waqopha umlando ngokuba ngumuntu wesifazane omnyama wokuqala waseNingizim Afrika ukuthola izifundo zobudokotela kwi-Town and Regional Planning. Ungowesifazane wokuqala omnyama waseNingizimu Afrika ukuthi abe wuSolwazi osathuthukiswa kwi-Town and Regional Planning e-UKZN noneMasitazi emkhakheni owodwa wase-UKZN.
Eminye imiklomelo uSolwazi Magidimisha-Chipungu aseke wayithola yi-2018 Mail & Guardian Top 200 Young Influential South Africans, UKZN’s 2018 Best Young Academic, the College of Humanities Teaching Excellence Award ne-International Society of City and Regional Planning Award of Excellence ngeqhaza aba nalo esigcawini se-Professional Planners neqhaza lakhe kwiNgqungquthela ngoManduldo wangonyaka wezi-2018.
Lo mbhali futhi obhale ngokuhlanganyela nabanye ababhali izahluko zezincwadi ezingama-50 namaphepha ocwaningo abuyekezwe ngabanye abacwaningi usanda kubhala incwadi ethi Housing in the Aftermath of the Fast Track Land Reform Programme in Zimbabwe.
Ngonyaka wezi-2019 wabhala ngokuhlanganyela incwadi ethi Spatial Inequalities in South African Cities: Towards Redistributive Justice waxhaswa yiNational Research Foundation ukuthi enze ucwaningo ngokungalingani kwezenhlalo, okuwucwaningo asanda kuliqeda.
USolwazi Magidimisha-Chipungu wayeyilungu le-City Planning Commission kaMasipal waseThekwini ebhekene nomsebenzi wokuba ngusomaqhinga wesigungu esiphethe namakhansela kamasipala. Useke waba sekomitini eleluleka uMnyango weZokubusa ngokuBambisana nezeNdabuko KwaZulu-Natali egxile khona ekulinganeni ngokwezenhlalo esifundazweni.
Uyilungu lebhodi ye-SACPLAN, inhlangano kazwelonke elawula ukufundisa nokusebenza kwendima yezokuhlela amadolobha eNingizimu Afrika. Njengongoti wezokuhlela amadolobha useke wasebenza kwiKwaZulu-Natal Tribunal, eyayinomsebenzi wokulamula imibango esifundazweni.
USolwazi Magidimisha-Chipungu ungomunye wabantu abambalwa abamenywa ukuthi babambe iqhaza emsebenzini we-24-Hour City yase-University of Politecnico di Milan - Department of Architecture and Urban Studies e-Florence, eNtaliyane.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe