Umfundi Wezemfundo, uMnu Lihle Mbatha.Umfundi WaseKolishi LezesiNtu Usethimbeni Elakha I-App YezeMfundo
Click here for English version
Umfundi wezeMfundo e-UKZN, uMnu Lihle Mbatha, usethimbeni elakha i-App yezeMfundo ezoba nezinto zokufunda izifundo ezehlukene ezosiza abafundi abenza amabanga aphakeme ezikoleni.
Le app esakhiwa izoba nezinto zokufundisa ezinjengamavidiyo, izifundo zokubuyekeza, izifundo zokuphica, izivivinyo, nolwazi ngezinto ezenzeka ezweni nasemhlabeni.
UMbatha nozakwabo abasaqeqeshwa base-Standard Bank, oMnu Lehlogonolo Morgan Molaodi noMnu Thabiso Seekane, baneqholo lokuthi le-app izosiza izitshudeni. ‘Ukungayi ekilasini akusho ukuthi uze uphuthelwe yisifundo. Sihlose ukuthi abafundi babambe iqhaza eligcwele ngokuthi sibe sekhaleni lemfundo yakusasa,’ kusho uMbatha.
Okuzokwenziwa yi-app yabo kuzogxila ekuxhumaneni nabafundi okuzozwana nomfundi ngamunye ‘ngokubahlola ukuze isilabhasi ishintshwe ihambisane nemiphumela yabo nokuba bukhali kwabafundi,’ kuchaza uMbatha.
Ukuqinisekisa ukwenziwa nokuqedwa kwale-app, uMbatha wenza ucwaningo ngemfundo nemigomo yomNyango weMfundo oyisiSekelo ngonyaka wezi-2009, ngokokuXhumana ngobuChwepheshe kwezemfundo. Uneqhaza ekutholeni ithimba longoti bazo zonke izifundo ezingeni lezikole eNingizimu Afrika ukuthi baqhamuke nolwazi olungangena kwi-app.
‘Ukuqalwa kobuchwepheshe bokuxhumana ezikoleni zethu kwenza izindlela ezintsha zokuthi abafundi nothisha bakwazi ukukhetha ulwazi, ukuluqoqa, ukuluhluza, nokulucwaninga. Ubuchwepheshe bolwazi bunamandla okwandisa amandla okuphatha nokulawula izikole,’ kusho uMbatha.
I-app izokwethulwa maduze ku-Google Store.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



