.Sisekhaleni Lokuhola Ushintsho nge-COVID-19
Click here for English version
Ngenkathi umhlaba wonke ubheke abaholi ngesikhathi sokubhebhetheka kwesifio i-COVID-19, asikho isidingo sokuthi abantu baseNingizimu Afrika baze babheke kude njengoba abaholi bethu bezombusazwe bezibonakalisile, bakhombisa ukweseka futhi bama nohulumeni ophapheme kaKhongolose.
Kube mnandi ukubona izwe elivame ukuhlukana kwezombusazwe lihlangene ngesikhathi sobhubhane.
Ngasohlangothini lobuholi, ayikho imithetho nemigomo ekhona yokubhekana nengqinamba elingana nalena. Okuphumelele kwelinye izwe ngeke kusebenze kwelinye. Umhlaba uzama ukuthola izindlela zokunciphisa umonakalo we-COVID-19 kepha noma kunjalo, kuningi ukungabaza. INingizimu Afrika inezinselelo zayo yodwa, kusukela ezigidini zabantu eziyi-7.5 ezinegciwane lesandulelangculazi, indlala kuya ezingeni eliphezulu lobubha.
Njengezakhamuzi zaleli zwe elinokungafani, elamukela ukungafani ngomdlandla, sidinga ukucabangisisa ngesimo esibhekene naso. Ekugcineni isinqumo ngesakho; ungavumela ukuthuka noma ukutheneka amandla noma ulalele iseluleko sabaholi abaqavile ababhekana ngqo nengqinamba yobuholi, usisebenzisele “isimo sethu” esibhekene naso ngalesi sikhathi sale nhlekelele.
Ubuholi Bethu
Abaholi bezwe lethu akungabazeki ukuthi babeke abantu phambili. Nakuba singakaboni ukuthi ukubhebhetheka kwegciwane kuzophelelaphi, izinkomba zithi wonke umuntu ohaqekile uzothelela abantu ababili noma abathathu.
Noma kunjalo, loku akusiko ukuzama ukuhlaziya isimo sezempilo nge-COVID-19 kodwa yindlela yokunikhanyisela njengabantu baseNingizimu Afrika abafundisekile ukuthi niphumele obala, nibambe iqhaza ekunqandeni ukubhebhetheka kwegciwane.
Loku ngumzamo wethu wokunqanda ukusabalala okuzoba nomphumela ekunqandeni ukubhebhetheka kwegciwane. Umphumela wokuvala thanqa ezweni lonke ungase uholele ekuweni komnotho omiphumela yako izothatha isikhathi eside kepha yini esingayenza manje? Kube yisinqumo esinzima ezweni lethu ukusithatha uma sibheka imiphumela yo“thanqa” yangesikhathi sikahulumeni wobandlululo.
Kusezandleni zethu manje ukuthi sicabe indlela yokuphuma kule ngqinamba. Sesinikiwe izindlela zokuyinqoba ngokuvama ukuhlala sinolwazi. Sekudingeka ukuthi siqale sihlomise, sifundise abanye ukuze wonke umuntu abe neqhaza alibambayo.
Okokugcina, kufanele sivume ukuthi lesi yisikhathi sexhala nobunzima. UMengameli Cyril Ramaphosa, oNgqongqoshe uDkt Zweli Mkhize, Bheki Cele, Fikile Mbalula, Ebrahim Patel nabanye bakhombise ukungaxhamazeli okudingeka ngalesi sikhathi sokuhlala emakhaya ukuze siqhubekele phambili. Ubuholi babo obuvelele kufanele bube nomphumela kithina ngenkathi sibhekana nenselelo esingakaze siyibone.
Nakuba kithina kukhona labo abaphatheke kabi ngesinqumo umengameli asithathile ukuthi akhulume nathi nabadinwe ngeminye imithetho nemigomo okubekiwe, kepha kufanele nazi futhi nikhumbule ukuthi baningi kangakanani abantu obekufanele bathintwe ngaphambi kokuthi kuthathwe izinqumo ezinqala kangaka ukuqinisekisa ukuphepha kwethu.
Abafundi kufanele babe phambili
Abafundi basenyuvesi bangaba neqhaza elimqoka ngalesi sikhathi sobunzima, babe yingxenye yendlela yokuxhumana ekuletheni ushintsho ngokuthi singabhekana kanjani ne-COVID-19. Kufanele baseke uthanqa kazwelonke ngokungaphikisani nawo.
Yisikhathi senu sokuhola imindeni nemiphakathi ngokuhamba phambili. Okumqoka wukuthi nilalele abaholi abakwazi ukutshintsha nesikhathi abakhiphe imiyalelo ecutshungulisisiwe nephusile.
Bekani abantu phambili njengoba uMengameli wethu nekhabinethi benzile. Kumqoka ukuthi wonke umuntu ezweni lethu alandele lo myalelo.
Naku eningasiza ngakho:
1) Yibani yisibonelo
Khombisa bonke ophila nabo ukuthi umuntu uzivalela kanjani. Bonisa amazinga aphezulu enhlanzeko, uqhele ebantwini ngebanga elifanele. Waqala wakwenza loko, nabanye bazolandela. Ukuhlala ekhaya, ukugwema izindawo ezinabantu abaningi, nokumisa izinto ozenza nabantu yindlela enhle yokugwema ingozi. Ukunciphisa ukuthintana NOWONKEWONKE kumqoka.
2) Fundisa abantu emphakathini
Njengabantu abafundisiwe ninesiphiwo samazinga okuqonda esingaphezu kwesabanye abantu kuleli zwe. Sisebenziseni ukuthola izindlela zokuchazela abantu ngobukhulu balolu bhubhane nezindlela zokunqanda ukubhebhetheka kwalo. Khulumani nabantu ngokwezinga elizokwenza ukuthi baqonde ububi bokuqhubeka nokwenza izinto ngendlela ejwayelekile.
3) Fafazani ulwazi kwabadala abasezindaweni ezikude
Njengoba izihlobo zethu esizithandayo zingahlali ziseduze kwethu, kuwumsebenzi wethu ukuzivikela. Wukuhamba okwenze i-COVID-19 yabhebhetheka. Kunomqondo oyiphutha wokuthi abantu abadala abangahlali emadolobheni baphephile ekungenweni yigciwane kodwa iqiniso lithi yibona abasengozini enkulu. Yenzani izaba zokuthi izindaba zifinyelele kubona, niqhamuke nezindlela ezinobuhlakani zokubafundisa ubumqoka bokuzivalela nenhlanzeko.
4) Ningaphumi lapho nihlala khona
Loku kusho ukuthi singavakasheli imindeni yethu nezihlobo, abangani nabantu esithandana nabo ngalesi sikhathi. Loku kuzonciphisa ukubhebhetheka kwegciwane ezindaweni ezisemakhaya noma ezisengozini. Fundisa obathandayo ngokungakwazi kwabo ukufinyelela ezindaweni zokwelashwa emakhaya nokuthi kungani kumqoka ukuthi bahlale lapho bekhona.
Isikhathi sikathanqa asisho iholidi kodwa siyindlela yokunqanda ukubhebhetheka kwegciwane. Yenza uhlelo lwansuku zonke lokusebenza ngalesi sikhathi.
5) Qedani ukucwasa
Njengabantu abafundisiwe, akulungile ukwehlulela omunye umuntu onegciwane. I-COVID-19 akusiyo into yokubandlulula ngokwebala nangokobuzwe. Esikhundleni saloko kufanele uzifundise, ufundise nalabo ophila nabo ngegciwane nemvelapho yalo.
Okunye okukhulu wukuthi uma ucwasa umuntu ongaba negciwane, kungenza ukuthi asabe ukuyohlolelwa i-COVID-19 ngoba esaba ukucwaswa emphakathini, okungaba nomphumela omubi kuwena uqobo nakulabo obathandayo. Yiba nozwelo kubona bonke abantu ngalesi sikhathi sobunzima.
6) Cabanga izindlela zokuvuka uzithathe (lesi sikhathi akube ngesokucabanga)
Njengabaholi bangomuso, lesi sikhathi akungabi nje esokunciphisa ubungozi kepha futhi akube esokubheka izinto ezinhle ezingakusiza, zisize inkampani yakho nomphakathi wonkana. Ngokungabuki izinto ngeso lokwesaba kodwa eligxile kulezi zinto ezibalulwe ngenhla, abaholi bangalesi sikhathi bangazihlomisa ngokubheka “lezi zikhathi zamaqiniso” ngisho noma ngabe zenzeka nini.
Okokugcina, sisodwa kepha futhi siphila nabanye abantu. Manje yisikhathi sokuthi sonke sinciphise ukubhebhetheka kwegciwane ukunciphisa usizi lwabantu, ikakhulukazi abantu abadala, labo abagulayo, abangenamshwalense, abantulayo nabantu abanesizungu abangenamndeni namngani. Ukuzivalela nokuqhela emphakathini akusho ukuzivikela wena wedwa kepha futhi kusho ukuvikela labo abasengozini.
U-Kriyanka Moddley ungumfundisi wezobuholi ezifundweni ze-MBA e-Graduate School of Business and Leadership eNyuvesi yaKwaZulu-Natali.



