
Uthisha we-Jezi Ukhiphe I-Albamu Yesine
Click here for English version
Uthisha wase-UKZN wejezi, uMnu Sibusiso Mashiloane, wethule i-albhamu yakhe yesine ebibhekwe ngamehlo abomvu ethi Amanzi Nemifula – uMkhuleko ekhonsathini ebelise-The Chairman, eThekwini, ephelezelwa yi-Mash Trio Acoustic.
I-Mash Trio yakhiwe uMashiloane oshaya okhiye, uDalisu Ndlazi wevayolini yebhesi, no-Riley Giandhari oshaya isigubhu. Leli qembu labathathu selineminyaka lisebenza ndawonye lihluza izingoma ezaqanjwa uMashiloane.
Ekhuluma ngale-albhamu, uthe: ‘Umculo umele izimiso zomdabu zase-Afrika nendima enkulu edlalwa amanzi empilweni yabantu mihla yonke. Ukukhumbula emuva nasezindaweni eziningi engakhulela kuzona, kukhuthaza umsindo womculo.’
Isihloko semifula siyisingathekiso emculweni we-inthanethi, izindawo zomculo, imisakazo, njll. njengezinto eziletha imisindo oquqabeni, abalaleli.
Umucu wokuqala kule albhamu udlalwa yiMash Trio. Umucu wesibili, Izayoni The Village, uhlanganyelwe kanti uthinta ezomoya. ‘Kuvunguza umoya obusayo womfuthi namanothi esiNtu ehambisana nomculo osheshayo kulo mculo,’ kusho uMashiloane.
UMkhuleko udle ngezinto zikamoya kuthi Amanzi Nemifula ahlaziye ukuthi amanzi amele ini nokubonga izilwandle, imifula nemiphakathi yakithi.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: ngu-Simanga Zondo