
Izinyathelo Zokulwa ne-Coronavirus Kufanele Zibhekiswe Kwabampofu
Click here for English version
Ngasekupheleni konyaka wezi-2019, umhlaba ubone ukubheduka kwesifo esingakaze sibonakale kubantu phambilini. Isifo i-coronavirus satholakala edolobheni lase-China i-Wuhan (esifundazweni i-Hubei). Ngaphambi kokuba kudalulwe lokhu, ekupheleni kukaMasingana (January) kulo nyaka, i-World Health Organisation yamemezela ukuthi kunesimo esibucayi kwezempilo emhlabeni jikelele, njengoba izifo zasezibhebhetheka ngokukhulu ukushesha. Kusukela lapho sekube nokukhula kwesibalo sabathelelekile ngaphandle kwe-China, okubalwa neNingizimu Afrika, isimo siguquka ngokukhulu ukushesha.
Ukuhlala emadolobheni nokukhula kwenani labantu abahambela emazweni omhlaba kubangela ukubheduka kwezifo eziwubhubhane kube inkinga yomhlaba wonke, kwenza kubaluleke kakhulu ukuba wonke amazwe athathe izinyathelo zokuvikela lokhu. Isigaba sokuqala sokuzivikela ukuqapha isimo: ukuqapha imiphakathi yabantu nezilwane ukuze kuhlonzwe ubhubhane lulawuleke ngokushesha. UHulumeni waseNingizimu Afrika usuqinisekise izakhamuzi ngokuthi zingesabi ngoba ukulungele ukubhekana nokulawula nokubheduka kwe-coronavirus. Njengoba iNingizimu Afrika isiqinisekise abayi-709 abatheleleke ngalesi sifo i-coronavirus (ngesikhathi kubhalwa), kufanele sithathe isinqumo: isifo i-coronavirus asikakabi (noma asikakazi noma sesifike ezingeni lokuba) ubhubhane eNingizimu Afrika.
Yize kunemizamo kahulumeni yokulwa nokulawula ukubheduka kwayo, kukhona okuyizinselelo, nokungalingani okukhona uma kulungiselelwa ukubhekana nalesi simo. Inqubekela phambili ekuvimbeleni ukubhebhetheka kwe-conoravirus kubonisa ukungalingani kanti futhi izindawo eziningi ezweni azikulungele ukubhekana nalesi simo ngokwezimiso ezidingekayo. Uma kuhlasela ubhubhane noma umbedukane wesifo kuthinteka kakhulu abampofu kuqala futhi kanzima. Lokhu sesikwazi isikhathi eside impela. Lo mlando usuveze amagebe akhona athintana nokuhlonzwa kwezifo, ukutholakala kokwelashwa, ukulandela abathintekile, imigomo yokugoyisa nokuhlalisa ngayedwana, nokulungiseleleka okungaphandle kwezempilo okuhlanganisa ukuxhumanisa nokuthatha izinyathelo. Ezweni elinokungalingani okusezingeni eliphezulu njengeNingizimu Afrika, lezi zinto zibonakala kakhulu ekwakhekeni kwezindawo zokuhlala ezingahlelekile namalokishi antula izinsiza, futhi zikhomba ingozi engenzeka uma kuhlasela lolu bhubhane lwe-coronavirus kulezi zindawo. Ngenxa yalokhu, kunethuba lokuhlonza umphumela ongaba mubi kakhulu we-coronavirus ngokuhlanganyela ekufinyeleleni kulabo abasemuva kakhulu. Ngakho-ke ngikholwa ukuthi ukubheduka kwe-coronavirus kuphinde kube inkinga yabezokuHlelwa KwamaDolobha futhi abezokuhlelwa kwamadolobha bangaba nomthelela ekubhekaneni nalesi sifo.
Ngenxa yalokhu, isu elisetshenziswa iNingizimu Afrika lokubhekana nalolu bhubhane alanele neze. Liyakudinga ukubhekisiswa kabusha. Kufanele siqale sibheke ukusebenza ezindaweni lapho kungafinyeleleki kalula khona hhayi kuzwelonke kuphela. Izindawo eziningi eziwulolu hlobo akufinyeleleki kalula kuzona, kunzima ukuba abampofu bafinyelele kuzikhungo zezempilo nezinye izinsiza. Izindawo zokuhlala ezingahlelekile ezisemadolobheni ziyizidleke zokubhebhetheka kwezifo, ngakho ukuqinisa imizamo yezempilo nokuhlinzekwa kwamanzi nokuthuthwa kwendle okufanele kungaletha isisombululo sesikhathi eside ekuvikeleni ukubhebhetheka kobhubhane nasekunciphiseni noma ekuvikeleni ukufa kwabantu. Konke lokhu kukhomba isidingo sokubeka ezokubhekana nesifo i-coronavirus phakathi kwamanye amasu okuhlela aqondene nokubhekana nobungcuphe, ukuze kuqinisekiswe ukuhlelelwa kwalabo abasemuva abangazithola bebhekene nezimo ezibucayi zalolu bhubhane ezinyangeni ezizayo.
Yize kunemizamo ezweni lonke nasemhlabeni jikelele, ukuqapha isifo i-coronavirus (COVID-19) kusasemazingeni aphansi kakhulu emiphakathini entulayo futhi esengcupheni enkulu. Le miphakathi isenkingeni yokuthola amanzi okuphuza ahlanzekile nsukuzonke kanti ukugeza izandla kuyinto engajwayelekile. Yingakho emiphakathini yabampofu, ukubheduka kwesifo kulula ukuthi sihlale isikhathi eside singabonakali bese siyabhebhetheka. Kulezi zimo, sonke singaba senkingeni enkulu: i-coronavirus ayibandlululi.
Ngisho ngabe ubhubhane lubheduka kuphi, uma seluqalile, abampofu bazithola bethinteka kakhulu ngenxa yezinhlelo zezempilo nezingqalasizinda ezintulayo emiphakathini yabo namandla anganele okubhekana nokudlanga kwezimo ezifana nalezi.
Lesi isimo iNingizimu Afrika ebhekane naso ngobhubhane i-coronavirus.
Ukuze kubhekanwe nelasifo, kumele abantu bagweme ukuba sezindaweni ezifana nezimakethe noma imibuthano yomphakathi, ukubeka ibanga phakathi kwabo nabanye abantu nokuzigoyisa. Kepha, indlela le miphakathi eyakheke ngayo, inabantu abaningi endaweni encane. Lezi zindawo zidinga ukubhekisiswa, zingaze ziphenduke ingozi enkulu kithi sonke.
Ngokukhulu ukushesha kufanele imizamo ibhekiswe emiphakathini yabampofu ompilo zabo zisengozini enkulu futhi namathuba okuba isifo sibhebhetheke ngamandla maningi kakhulu. Uma singayenzi imizamo yokuletha izinsiza zezempilo ezilinganayo kuwonkewonke, sisengcupheni yokubhekana nobhubhane olungakaze lubonakale emlandweni wezwe lethu.
UDkt Hangwelani Hope Magidimisha-Chipungu, SARChi Chair for Inclusive Cities (NRF-SACN), uMholi WezokuFunda KwezokuHlela NezeZindlu eNyuvesi YaKwaZulu-Natal.