Izithunywa emhlanganweni wokugqugquzela ukufunda nokufundisa izilimi zomdabu zase-Afrika.Kukhuthazwe Ukusetshenziswa Kwezilimi zase-Afrika Ukufunda Nokufundisa Izilimi Zomdabu Zase-Afrika
Click here for English version
I-DSI-NRF Centre in Indigenous Knowledge Systems (i-CIKS) ibinomhlangano wabasebenzisana nabo wezinsuku ezimbili ukugqugquzela ukusetshenziswa kwezilimi zomdabu zase-Afrika ekufundeni nasekufundiseni izilimi zomdabu nezinzululwazi zase-Afrika.
Isikhungo singesinye esibambisane kwezikhungo ezinhlanu zemfundo ephakeme okuyi-UKZN (okuyilapho igxile khona), i-University of South Africa, amanyuvesi aseLimpopo naseVenda, kanye ne-North West University.
Lo mkhankaso uhlose ukugqugquzela ukusetshenziswa kwezilimi zomdabu zase-Afrika ukuthi kuzuzeke izinhloso zentuthuko esimeme yangowezi-2030 i-Sustainable Development Goals ye-Afrika Esiyifunayo (ngokoHlelo lwe-African Union lwangowezi-2063) emazweni aseningizimu ne-Afrika. Kulo mhlangano obuhanjelwe yizithunywa zalapha ekhaya nezaphesheya, bekukhona kuwona nalowo owayengumengameli wase-United Republic of Tanzania, uMhlonishwa Ali Hassan Mwinyi.
IPhini LeSekelashansela kwezokuFunda nokuFundisa e-UKZN, uSolwazi Sandile Songca, lemukele zonke izihambeli, lazibonga ngeqhaza lazo lokusungulwa kwalo mkhankaso omqoka wase-Afrika. Libalule ubumqoka bezindlela zolwazi lwendabuko, nezilimi ocwaningweni, ekufundiseni nasekuxhumaneni nemiphakathi, labalula ukuthi i-UKZN ingenye yamaNyuvesi ambalwa emhlabeni anenqubo ye-IKS yesikhungo egqugquzela nevikela izindlela zolwazi nezilimi zomdabu endimeni yolwazi lwezomnotho emhlabeni.
USongca ugcizelele izinselelo abafundi base-Afrika ababhekana nazo ngenxa yokwehluleka kwezinhlelo zemfundo zase-Afrika ukufundisa ngezilimi zomdabu. ‘I-Afrika inothile, hhayi kuphela ngokwezinto zemvelo ezimbiwa phansi kodwa futhi nangezilimi nezinkolelo zomdabu. Izinzululwazi zomdabu nomnotho wolimi kufanele zisetshenziswe ukuthi zibe wumthombo wokuphuza abantu base-Afrika ukuthi babambe iqhaza emnothweni wolwazi, bahambe phambili ekuletheni intuthuko emiphakathini yakubo ngokuzinqumela bona,’ kusho yena.
UMwinyi ubalule ukuthi ngemuva kokuthi iTanzania yathola inkululeko, umengameli wakudala uMwalimu Julius Nyerere wakhuthaza ukuthi isiSwahili sibe wulimi lwesizwe ukuqinisekisa ukuthi izizwe ezingaphezu kwama-120 zikwazi ukuxhumana zonke. ‘Sibuthene lapha ngenhloso yokusiza abantu bakwazi ukukhuluma nokuqonda hhayi isiSwahili kuphela, kodwa futhi nezinye izilimi zomdabu zase-Afrika. Kudingeka sihlanganise imiqondo yethu, ukuze sazi ukuthi singaqala kuphi nokuthi singasebenzisa ziphi izindlela ukufeza loku,’ kusho yena.
UMwinyi wengeze ngokuthi kumthokozisile ukwengamela lo mkhankaso. Unxuse imikhakha yomphakathi nezimele ekhona nengaphandle e-Afrika ukuthi yesekele imisebenzi yayo.
UMqondisi we-CIKS, uSolwazi Hassan Kaya, uthe okwenzeka ngokusetshenziswa kwesiSwahili (ulimi lwase-Afrika olukhulunywa kakhulu emhlabeni) kungasetshenziswa ukufukula ezinye izilimi zomdabu zase-Afrika. Ugqugquzele ukufunda nokufundisa izilimi zomdabu zase-Afrika ngendlela yokufunda ekabili. ‘Asisebenzisane ukugqugquzela ubukhona bezilimi zomdabu zase-Afrika eziningi ngokuthi sifundise ngezilimi zomdabu ukuze sizuze izifiso ze“Afrika esiyifisayo”,’ kusho yena.
UKaya ubuye wanxusa uMwinyi ukuthi anxuse abanye abaholi base-Afrika ukuthi beseke lo mkhankaso. Ubale imikhankaso eminingi ezokwenziwa, okubalwa kuyona loku okulandelayo:
• Ukuhlaziya isimo samazwe akhethiweyo ukubona izinselelo ezikhona ekugqugquzeleni ukudlondlobala kwezilimi zase-Afrika zomdabu nezindlela zokubuka izinto ngeso lomdabu;
• Ukusungula izingosi ezihlukene zokushicilela nokusabalalisa izindlela zokwenza izinto isiNtu;
• Ukwakha indlela yokusebenzisa izindlela eziningi zomdabu, ikakhulukazi entsheni yamazwe okuzohlolwa kuyona le mikhankaso;
• Ukusungula imikhankaso yokubambisana emazweni ehlukene nongoti nezikhungo eziqhakambisa izilimi zase-Afrika zomdabu.
Amagama: ngu-Hlengiwe Khwela
Isithombe: ngu-Albert Hirasen



