
Isifundiswa sezesiNtu Siqokelwe Ukuba NguMengameli we-English Academy of Southern Africa
Click here for English version
Isifundiswa eKolishi lezesiNtu, uSolwazi Mbongeni Malaba qokelwe ukuba nguMengameli we-English Academy of Southern Africa (i-EASA).
I-EASA iyinhlangano engenzi nzuzo eyasungulwa ngonyaka we-1961 ukukhuthaza ukusetshenziswa kwesiNgisi ezweni lonke kulesi sifunda. Ubulungu buvuleleke kubo bonke abantu nezinhlangano ezihambisana nezinjongo zayo.
‘Ngesikhathi sami esikhundleni, ngifisa ukugqugquzela ukubambisana phakathi kweMinyango yesiNgisi emanyuvesi kusifunda se-SADC nokuqhubeka nokugqugquzela ukubambisana phakathi kwezikole njengeNgqungquthela emqoka ehlelwa yi-Maritzburg College ne-EASA yothisha besiNgisi ezikoleni nezikahulumeni, edlondlobele kakhulu eminyakeni emithathu edlule,’ kusho uMalaba.
IziKo lase-UKZN le-EASA lahlela iNgqungquthela ye-EASA ngowezi-2014 kanti lizoba neNgqungquthela ngowezi-2020 eThekwini.
UMalaba wathola i-Onazi yesiNgisi e-University of Rhodesia, wathola i-Beit Trust Postgraduate Fellowship ukuyokwenza iziqu zobudokotela e-Centre for Southern African Studies e-University of York.
Phakathi kweminye imiklomelo ake wayithola kubalwa owe-University of York Scholarship for Overseas Students, i-Fulbright African Senior Research Fellowship, nokuqokelwa ukuba yi-Fellow of the Salzburg Seminar on Films. Wafundisa e-University of Zimbabwe iminyaka eyi-18 nohhafu, waphinde waba yi-Associate Professor neNhloko yoMnyango wesiNgisi e-University of Namibia ngaphambi kokuza e-UKZN ngo-2009.
Izinto athanda ukuzicwaninga nokuzifundisa yizinkondlo zaseNamibia ezibhalwe ngesiNgisi, izinkondlo, izindaba ezimfishane namanoveli ka-Charles Mungoshi, izincwadi zika-Alan Paton no-Thomas Mofolo, nezincwadi zaseZimbabwe.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe