Umculi nomfundi owenza iziqu zobudokotela, uNks Olpha Selepe.Isitshudeni Esinama-65 Sikhiphe Inoni!
Click here for English version
Umculi nomfundi weziqu zobudokotela uNks Olpha Selephe, obuye aziwe ngelika-Gee Six Five, ungundabizekwayo ezinkundleni zokuxhumana kusukela ekhiphe ingoma eshisa izikhotha ethi Obani lababantu? (Who are those people?).
USelepe, oneminyaka engama-65, ufakazele ukuthi iminyaka yomuntu ayisho lutho njengoba evutha emculweni nasezifundweni.
Engomeni yakhe, ukhuluma ngabantu abakhomba abanye, babasole ngezinkinga zabo, esikhundleni sokuthi bazixazulule.
Sekusele kancane ividiyo yengoma yakhe ifinyelele ekubukweni ngabantu abangama-100 000 ku-YouTube kanti leli singili likwi-iTunes South Africa Top 20.
Nakuba engahlose kukhipha albhamu noma ezinye izingoma, ufisa ukukhuthaza abanye abantu ukuthi bafeze amaphupho abo noma ngabe bangakanani noma imuva labo linjani. ‘Ungazifeza izifiso zakho. Ungaphila impilo okade wawuyifisa. Ungazithambisi!’
Uthi umculo wakhe uhlose ukukhuthaza abantu ngobumqoka bemfundo.
Ekhuluma ngeziqu zakhe zobudokotela kwezeMfundo, uthe: ‘Indima yami yocwaningo ikwezemfundo ephakeme. Ingabafundi basemakolishi angama-TVET nokuthi azilungiselela kanjani ukuyosebenza.’
Iseluleko sakhe kwabanye abafundi sithi: ‘Tholani imfundo ngoba ayikho into ongayenza ngaphandle kwemfundo.’
Buka ividiyo yakhe yonke ku: https://youtu.be/UNjcAEpu7-E
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



