
Uthisha WeFiziyoloji Ungumpetha we-UTEL
Click here for English version
Uthisha weFiziyoloji yabantu eSikoleni seziFundo zokuXilonga iMithi kanye nokweLapha e-UKZN, uDkt Zama Msibi, ungumpetha we-University Technology Enhanced Learning (i-UTEL). I-UTEL iwubambiswano phakathi kweHhovisi lezokuFunda nokuFundisa ngesingisi i-University Teaching and Learning Office (i-UTLO) neZokwazisa Nezokuxhumana ngesingisi i-Information Communication Services (i-ICS).
UDkt Msibi, onguthisha wokuqala eSikoleni sakhe ukwamukela indlela yokufunda edidiyele, uthe imenza akwazi ukuqonda kangcono abafundi bakhe nezidingo zabo ezehlukene. Nakuba abafundi bakhe bathatha isikhathi ukujwayela amakilasi okubhunga lapho kufanele babe neqhaza elibonakalayo ekufundiseni nasekufundeni, bagcine sebenesasasa lokusebenzisa izinto zevidiyo zokufunda ezibenza bakwazi ukuqonda izifundo ezinjenge-Neuroscience.
‘UDkt Msimbi uyingqwele ekufundiseni okuhambisana nobuchwepheshe kanti kade aqala ukusebenzisa izindlela ze-UTEL. Siyakhuthazeka uma izifundiswa zisebenzisa izinsiza ezinhle kanjena e-UTEL, zemukela izindlela ezintsha ezizophucula ukufundisa kwazo,’ kusho uDkt Diane van Staden, uMholi wezeziFundo ekuFundeni naseKufundiseni eSikoleni sezeSayensi yezeMpilo nomcwaningi wase-Developing Research, Innovation, Localization and Leadership in South Africa (i-DRILL) e-UKZN.
UDkt Msibi uthe ubusebenzise kakhulu ubuchwepheshe obusezingeni eliphezulu njengendlela afundisa ngayo. Ngaphambi kobhubhane i-COVID-19, waqopha amavidiyo achazela abafundi bakhe izinto ezilukhuni, zibe lula. Abasebenza e-UTEL basebenzise isikhathi esiningi namakhono ukuqopha amavidiyo asezingeni eliphezulu nakhangayo.
‘Ithimba lase-UTEL liyawazi umsebenzi, linobungani futhi kumnandi ukusebenza nalo kanti lingisize kakhulu ekushintsheleni ekufundiseleni ezinkundleni zobuchwepheshe ukubhekana nobhubhane.
Uhambo lwase-UTEL lukaDkt Msibi lwaqala ngenkathi u-Irene Mackraj, owayengumholi wezezifundo kwezokuFunda nokuFundisa ngaleyo nkathi, enxusa izifundiswa ukuthi zisebenzise isitudiyo sase-UTEL enkulumweni yendlela yokufundisa eyindidiyela.
‘Nganginothando lokufaka ubuchwepheshe endleleni engifundisa ngayo. Kepha ngangifisa ukwenza izinto ngendlela ehlukile. Ngangingafuni nje ukuqopha izifundo kodwa ngangifuna ukunothisa abafundi bami ngolwazi, ngangena kanjalo endleleni yokufundisa engavamile, phecelezi i-flipped classroom approach. Ngathumelela abafundi bami amavidiyo aqoshiwe amafishane ukubasiza ukuthi bacabangisise izinto ezifundwayo ekhaya ngaphambi kokuphendula imibuzo ekilasini. Ngifundisa ezinye izifundo ezinzima ezingathandwa abafundi bami. Ngosizo lwe-UTEL, ngikwazile ukuhamba nabafundi bami sibuka umgudu wethumbu, sakwazi ukuhlaziya izinto ezisengqondweni sisebenzisa amavidiyo anopopayi. La mavidiyo anemiyalelo nemibuzo enzima ukukhuthaza abafundi ukuthi bahlaziye izinto ngaphambi kokuza ekilasini,’ kusho yena.
Amagama: nguLihle Sosibo
Isithombe: Sithunyelwe