
IKolishi lezesiNtu LineDini eNtsha
Click here for English version
IKolishi lezesiNtu lemukele iDini entsha eSikoleni seziFundo ngeNhlalosintu Elandelwayo uSolwazi Matshepo Matoane, onamava emkhakheni wezemfundo ephakeme, ikakhulukazi kwezofundisa ngeposi.
Ngaphambi kokufika eNyuvesi, uSolwazi Matoane ubese-University of South Africa (e-UNISA) iminyaka engama-25. Waqala enguthisha osaqala eMnyangweni wezeNgqondo, wakhuphuka kancane kancane, wagcina esenguSolwazi wezeNgqondo, kwathi ekugcineni waba sethimbeni eliphethe i-Unisa enguMqondisi kumkhakha: Instructional Support and Services.
‘Ngithokozile kakhulu ukuba ngomunye wethimba eliphethe e-UKZN. Le Nyuvesi iyigugu enhliziyweni yami, ngoba ngagcina ukuba khona ngasekupheleni kweminyaka ye-1990 ngenkathi ngenza iziqu zeMastazi kwi-Clinical Psychology. Yithuba eliyingqayizivele leli ukuthi ngibe nethuba lokutshala ulwazi lwami lokusebenza nokufundisa kulo mkhakha ekuholeni Isikole seziFundo ngeNhlalosintu Elandelwayo.’
I-DVC eyiNhloko yeKolishi lezesiNtu uSolwazi Nhlanhla Mkhize uthe: ‘Simamukela ngezandla ezimhlophe uSolwazi Matoane. Silindele ukubona ubuholi bakhe kanti simeseka ngezindlela zonke.’
Igalelo likaSolwazi Matoane emkhakheni wezengqondo lihlanganisa ukuqokwa yi-SAQA ukuthi abe yilungu le-Standards Generating Body of Psychology, iNhloko yoMnyango wezeNgqondo e-Unisa, ilungu loMkhandlu we-Health Professions Council of South Africa (i-HPCSA), inhlangano ethatha izinqumo nelawula imikhakha yezempilo ezweni. WayeseKomitini lezeMpilo le-HPCSA, eyeseka abasebenzi bezempilo abadinga usizo lwezempilo noma lokwelulekwa ngengqondo.
Useke wahola izinhlelo zokufundisa njengokuthuthukisa abasebenzi nokweseka abafundi esasebenza e-Unisa, ngakho uziqonda kahle izinto eziyisisekelo sempumelelo yabafundi. Wahola uhlelo oluhlukile lokuqeqesha abafundi ezinkundleni zokuxhumana e-Unisa.
Kwezinye izinto uSolwazi Matoane aseke wazenza wukuhola izinhlelo ezixhaswe yi-University Capacity Development (i-DHET), okukhona kuzona i-First Year Experience project. Ukufika e-UKZN ngesikhathi sobhubhane i-COVID-19 kumnika ithuba lokuqinisa izindlela zokufundisa nezokufunda kulesi Sikole, ikakhulukazi kwezokufundisa ezinkundleni zobuchwepheshe besimanje.
‘Umbono wami wukuqinisa isisekelo sokufundisa esivele sikhona eSikoleni seziFundo ngeNhlalosintu Elandelwayo, kugcizelelwe kokwasekhaya kodwa sibe singasali kokwaphesheya,’ kusho yena. ‘Uguquko luyisisekelo sokubhekana nezinselelo zasekhaya kanti kunesidingo sokusungula izinhlelo ezinqala zentuthuko eSikoleni okuzokwenza ukuthi abasebenzi abathile akade bencishwe amathuba bakwazi ukudlondlobala.’
Ngale kweMastazi kwi-Clinical Psychology yase-UKZN, uSolwazi Matoane uneziqu ze-Onazi kwiSayikholoji yase-Medical University of South Africa, nayiphasa ngamalengiso, neziqu zobuDokotela kwezeziNcwadi neFilosofi zase-Unisa. Useke wakhuluma ezingqungqutheleni eziningi kuleli naphesheya, wabhala ngokuhlanganyela nabanye amaphepha ocwaningo nezahluko zamaphepha ocwaningo emkhakheni wezengqondo yendabuko nokweseka ekufundiseni.
Amagama: nguMelissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe