
Abafundi Base-UKZN Babalwa Kwi-Absa Gradstar Top 100
Click here for English version
Abafundi abenza unyaka wesithathu e-UKZN, uNks Nokwanda Zondi (kwezeziMali) noMnu Keshav Ajodapersad (kwezesayensi yamakhompyutha nobuchwepheshe bolwazi), bakwi-Absa GradStar Top 100 Students yangowezi-2020.
Uhlelo lwe-GradStar luklomelisa abafundi abakwi-Top 100 ezweni lonke ngokwamava obuholi babo nokulungela ukusebenza. Imingenelo ibingaphezu kwezi-8 000.
UNks Zondi uthe kumnandi ukungagcini ngokubalwa kwi-Top 100 kodwa futhi nokuba ngomunye wababili base-UKZN abasohlwini. ‘Ngizuze lukhulu kulolu hlelo njengoba lungikhombise ukuthi isimo sasemsebenzini sinjani. Ukuxhumana ngqo nezinye izinkampani ezivelele zaseNingizimu Afrika njenge-Absa, i-BP, i-Accenture ne-Fasken kwandise uthando lwami olukhulu njengomuntu osebenzayo. Ngithole amakhono amasha azongisiza emkhakheni wami kwezezimali nokuba ngusomabhizinisi.’
U-Ajodapersad uthe uhlelo lwe-Gradstar imnike ithuba lokuhlangana nabantu abanjengaye nokuthi afunde kubona.
‘Kuhle ukuthi inhlangano yangaphandle ibone imisebenzi yakho emihle, bese yazisa abanye abantu ngayo. Loku umuntu kumkhuthaza ukuthi ahlale enza kahle kukona konke akwenzayo. Ukuba kwi-Top 100 kuwubufakazi bendlela engikhule ngayo eminyakeni edlule. Ngizithakasela kakhulu izifundo zami kanti ngimagange ukuqeda iziqu zami,’ kusho yena.
Amagama: nguThandiwe Jumo
Izithombe: Zithunyelwe