
Abacwaningi Base-UKZN Nase-UNIZULU Bathole Amaphrotheni Alwa Nezifo Zesisu
Click here for English version
Abacwaningi base-UKZN nase-University of Zululand (e-UNIZULU) bathole amaqoqo amasha amaphrotheni ahambisana nezifo zesisu.
UDkt Thandeka Khoza wase-UKZN noSolwazi uKhajamohiddin Syed wase-UNIZULU baqale ucwaningo ngemva kwesikhathi bekade bendawonye okwenze ukuthi baqhubeke nokusebenzisana.
UDkt Khoza noSolwazi Syed benze isisekelo socwaningo olubheke i-Cryptosporidium engabanga isifo sokukhishwa yisisu okuthiwa yi-cryptosporidiosis. I-cryptosporidiosis isabalele emhlabeni kanti ingenye yezifo ezitholakala emanzini ahambayo nembangela enkulu yezifo zezikelemu, ezithi uma zinganakwa zibe yingozi, zibulale nezingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu.
Ezigulini ezinamasosha omzimba asentekenteke, i-cryptosporidiosis ingazibulala njengoba ihamba ngomgudu wethumbu, wenyongo nowamanyikwe.
Bexilonga amaphrotheni ababona ukuthi angasiza ukulwa nalesi sifo, uDkt Khoza noSolwazi Syed bathole ukuthi izinto eziphilayo, kusukela kwezincane kuye ebantwini, zinamaphrotheni angazisiza ukulwa nezinto ezingadingeki emzimbeni neziyingozi ezihlangana nazo lapho ziphila khona.
‘Enye yale mindeni yamaphrotheni yi-Glutathione Transferases (GSTs),’ kusho uDkt Khoza. ‘Ama-GST angamaphrotheni amaningi nahlukene asebenza ukuvikela nokugeqa izidalwa eziphilayo, nokwenza ukuthi yisisekelo ekulweni nazo zonke izinhlobo zamagciwane.’
Umfundi wase-UKZN weMastazi kwibhayokhemistri uNks Mbalenhle Mfeka wayenza ucwaningo ngaphansi kweso likaDkt Khoza noSolwazi Syed, waqala waya kwingqungquthela ye-Genomics, Proteomics and Metabolomics e-UNIZULU, lapho umhlangano wokufundisana wamuhlomisa ngamasu okwenza ucwaningo elekelelwa nguDkt Khoza noSolwazi Syed nabanye abacwaningi baphesheya kwi-bioinformatics.
UNks Mfeka waqala wacwaninga umumo wama-GSTs ezinhlotsheni ze-Cryptosporidium. Behlukanisa amaqoqo abawathola kulo cwaningo kwaba yi-Vega (?), i-Gamma (?) ne-Psi (?), ukuhlaziya ucwaningo lwe-GSTs kwaveza ukuthi iqoqo le-Vega lehluke ngendlela engakaze ibonakale phambilini.
NgokukaSolwazi Syed, lo mehluko wephrotheni kwamanye waba yimbangela yokutholakala kwekhambi elisha.
‘Ukutholakala kwala maqoqo amathathu amasha etholwa ngabacwaningi baseNingizimu Afrika yigalelo elikhulu ocwaningweni lwe-GST emhlabeni wonke,’ kusho uSolwazi Syed.
UDokotela Khoza noSolwazi Syed bancome uNks Mfeka ngomsebenzi wakhe, ukuzinikela nokubekezela ngenkathi ecwaninga, babalula ubumqoka bocwaningo endimeni ye-bioinformatics eNingizimu Afrika, okuyikhono elisanqabile e-Afrika.
Iphepha locwaningo lishicilelwe lapha* ebhukwini elihlonishwayo locwaningo i-Scientific Reports. UDkt Khoza noSolwazi Syed babhale bobabili noDkt Ikechukwu Achilonu wase-University of the Witwatersrand, uSolwazi José Martínez-Oyanedel wase-Universidad de Concepción e-Chile noDkt Wanping Chen wase-University of Göttingen in Germany.
Kumanje abacwaningi bacubungula umumo wamaphrotheni eGST nokwenza imithi yokulwa nezinhlobo ezihlukene ze- Cryptosporidium.
*https://doi.org/10.1038/s41598-020-77233-5
Amagama: nguChristine Cuénod
Izithombe: ngu-Christine Cuénod neZithunyelwe