
Indondo Yethusi Kumfundi Wonyaka Wokuqala kwi-International Informatics Olympiad
Click here for English version
Umfundi wase-UKZN osenza unyaka wokuqala kwi-BSc in Data Science, uMnu Aaron Naidu ungomunye wababili kwabaseNingizimu Afrika abaklonyeliswe ngezindondo kuma-2020 International Olympiad in Informatics.
Lo mncintiswano ubuhlanganise abafundi abavela emikhakheni ehlukene ye-informatics kanti ubiyinkundla yokuthi bacobelelane ngolwazi ngamasiko amazwe abo nempumelelo yawo kulo mkhakha.
Lo mncintiswano uba semazweni ehlukene minyaka yonke, kanti lo mlenze wangonyaka wezi-2020 ubuhlelwe enkundleni yokuxhumana ngobuchwepheshe yi-Singapore, kwathi amanye amazwe abekhona amelwa ngamathimba abane. U-Naidu ubenabalingani bakhe, abebezinze e-Stellenbosch University, yena ekubo eThekwini.
Umqhudelwano, onamahora ayishumi ohlelo lwekhompyutha nokuxazulula izinkinga nge-algorithmic izinsuku ezimbili, ubudinga ukuthi abaqhudelanayo benze futhi balandele izixazululo zezinkinga eziyisithupha umuntu ngayedwa. Izixazululo zihlolwe ngaleso sikhathi kusetshenziswa isivivinyo esiyimfihlo.
U-Naidu uthe kudumazile kodwa kwaqondakala ukuthi ngenxa yeCOVID-19, umcimbi wenzelwe ezinkundleni zokuxhumana esikhundleni sokuthi wenzelwe e-Singapore. Kepha ujabulile ngendondo yakhe yethusi ngemva kokubamba iqhaza kuma-Olympiad esifundazwe nawasezweni iminyaka eminingi.
Umcimbi ubuhlelwe kahle futhi wahamba kahle, njengoba abakade beqhudelana bexhumane ne-Singapore ngesikhathi esisodwa.
U-Naidu uthe ubecabanga ukuthi abafundi baseNingizimu Afrika kusenebanga okufanele balihambe ngaphambi kokuthi bafinyelele ezingeni labalingani bazo kwisayensi yamakhompyutha. Uphakamise ukuthi ukuqala izifundo ze-information technology ezikoleni kungaliphucula izinga lezwe, kuthuthukise nolwazi lwabafundi.
U-Naidu, owafunda e-Eden College, waba ngumfundi kamatikuletsheni ovelele ngonyaka wezi-2019, waphuma isibili eNingizimu Afrika, ngenkathi ethola o-A abayisishiyagalolunye; wathola amaphesenti ali-100 kwi-Core Mathematics namaphesenti angama-99 kwi-AP Mathematics.
Wayeyilungu leSiyanqoba Regional Olympiad Training Programme iminyaka eyisithupha (elawulwa ngusolwazi osathatha umhlalaphansi kodwa osasebenza uSolwazi u-Poobhalan Pillay), okwamcija ukuthi alungele ukukwazi ukubamba iqhaza kwi-South African Mathematics Olympiad (i-SAMO) eqhudelana nezinkulungwane zababafundi abavelele bezibalo ezweni.
U-Naidu ubeyingumfundi ovele weSAMO izikhawu ezintathu, waqeda kwabahlanu abasesicongweni izikhawu eziyisithupha.
Wahlabana ngendondo ye-Computer Programming and Physics Olympiads eNingizimu Afrika ngonyaka wezi-2019, nendondo yethusi kwi-International Mathematics Olympiad. Ungumdlali we-table tennis ne-chess, kanti useke wamela iNingizimu Afrika kwi-World Youth Chess Championships ngonyaka wezi-2014.
Unothando lwezibalo ngoba ziyisisekelo sayo yonke imikhakha yezesayensi kanti u-Naidu unesifiso sokwenza umsebenzi omenza ukuthi akwazi ukuhlanganisa izibalo, i-informatics ne-data science.
Amagama: ngu-Christine Cuénod
Isithombe: Sithunyelwe