Amabhizinisi abafundi axhaswe yi-UKZN i-D Chem Group, ibhizinisi elenza izinto zokukhuculula ne-Anonaya Gardens, ipulazi elingalimi emhlabathini.I-InQubate Yase-UKZN Ikhangise Ngempumelelo Yosomabhizinisi
Click here for English version
Uphiko lwe-InQubate lwase-UKZN kusukela lwethulwa eminyakeni emibili edlule luvumele izicelo zokuxhasa amabhizinisi abafundi abangama-50.
Loku kudalulwe emcimbini wezinsuku ezintathu kazwelonke i-Student Entrepreneurship Week (#SEW2020) ebihlelwe wuhlelo i-Entrepreneurship Development in Higher Education (i-EDHE).
I-InQubate iyihhovisi lokudlulisa ezobuchwepheshe, ukukhuthaza ukusungula izinto nokuhweba nezamabhizinisi.
I-UKZN ibingenye yamanyuvesi angama-20 nezikhungo zokuqeqeshela amakhono, ama-vocational and training (amaTVET) abekhangisa ngezinhlelo zawo zezamabhizinisi kwi#SEW2020.
Lo mkhankaso waminyaka yonke ufundisa ngezamabhizinisi njengomkhakha kanti uhlose ukugcizelela kubafundi ukuthi ukuqashwa akusiko ukuphela kwendlela umuntu angabamba ngayo iqhaza emnothweni.
IMenenja ye-InQubate e-UKZN kwi-Student Entrepreneurship, uMnu Khutšo Ramontja, ubenenkulumompikiswano nabahleli be-#SEW2020 oNks Ntsiki Mkhize noSakhumzi Dukwe ngokuthi uhlelo lwenyuvesi lusiza kanjani ukuthuthukisa amabhizinisi ezitshudeni ukusungula amabhizinisi asimeme nangenisa inzuzo.
Endlalela, uRamontja uthe i-InQubate ibinezinhlelo ezimbili zokuthuthukisa amabhizinisi:
1. I-Beneficiation Challenge eyenzelwa abafundi esigabeni sokuqhamuka namasu.
2. I-Accelerator Programme yalabo bafundi abavele sebenamabhizinisi.
URamontja uthe i-UKZN isisungule isikhwama sokuxhasa amabhizinisi abafundi kwathi labo abasawaqala bathola amaR10 000, kwathi labo asebevele benawo babasethubeni lokuthola imali efinyelela kuR100 000.
I-UKZN ibeke indawo ezimpikweni ezehlukene zamabhizinisi abafundi.
URamontja uphendule imibuzo elandelayo yabahleli ababili be-#SEW2020:
Yini enye yezinselelo ezinkulu enibhekana nazo ngabafundi?
Kunabafundi abangazethembi nakuba benomqondo omangalisayo, bese kuba khona labo abazethemba ngokwedlulele kodwa uma sekwethulwa, kucace ukuthi usemningi umsebenzi odinga ukwenziwa. Ngale kwezinga lokuzethemba, sifaka osomabhizinisi ohlelweni lwethu lokuqeqesha olubacija ngokusezingeni eliphezulu, olusisize ukuthi sikwazi ukubacija ngendlela efanele.
Izindaba ezinhle zempumelelo?
Phakathi kwezindaba zethu eziningi zingabala abafundi abenza iziqu zobudokotela emkhakheni othile esabaxhasa manje banebhizinisi lokukhiqiza izinto zokukhuculula elihamba kahle neselizofaka istokwe salo kwesinye sezitolo ezinkulu ezweni. Kumanje sisisiza ngezitifiketi ezidingwa ngabaxhasi.
Siphinde sixhase abafundi abaningi abalimayo njengalezo abakhiqiza u-lettuce, iklabishi, u-green pepper nesipinashi. Omunye wosomabhizinisi abangabalimi bethu ukhiqiza amaqanda, kanti omunye usefisa ukukhiqiza ubhanana.
Inkampani eyaziwa nge-Anonaya Gardens itshala utamatisi, u-pepper, i-broccoli, i-cauliflower, i-cucumber ne-baby marrow. I-Anonaya isineminyaka emibili imile.
Yiluphi usizo enilunika abafundi?
Sinalabo abasaphemba bese kuba khona labo asebevele benebhizinisi. Labo abasaphemba baba sohlelweni lwesonto lonke, lapho befunda khona ngokucwaninga imakethe nokuthi uhlaka lwebhizinisi lwenziwa kanjani. Siphinde sibasize ukuphucula amasu amabhizinisi abo. Uma sebethumele uhlaka lwebhizinisi lwabo, kanjalo nemali engenayo, sibheka ukuthi singabanika imali engakanani efinyelela u-R10 000.
Labo asebevele benamabhizinisi bangeniswa ohlelweni lwamasonto ayisithupha ngemva kokuhlanganisa uhlelo lwebhizinisi besea kuy ngokuthi sinquma ukuthini bese simnika izi-R100 000. Sekuvunywe usizo lokuxhasa abantu ngemali abangama-50 sebebonke eminyakeni emibili edlule. Kusukela ngonyaka wezi-2018, sesiqeqeshe abafundi abangama-200.
Ingabe isiko lezamabhizinisi nokuzethemba kwabafundi sekushintshile eminyakeni edlule ngenxa yokubona izinto?
Ngiyamangala ngabafundi banamuhla. Uma ngibheka emuva ngenkathi ngingumfundi eminyakeni engama-20 edlule, abafundi bamanje babukhali kwezamabhizinisi. Ezinye izinto abazenzayo zikwenza ukhexe umlomo.
Ingabe e-UKZN ninalo uhlelo lokukhetha abafanele?
Sisiza osomabhizinisi abathembisayo nabaqhuba kahle ekukhuliseni amabhizinisi abo, sibanike kuze kufinyelele kuma-R100 000 bese sibaxhumanisa nezikhungo ezixhasanayo. Sibatholela nendawo yokusebenza emabaleni enyuvesi.
Enye indaba yempumelelo engifisa ukuyibalula ngomunye umfundi wethu oneminyaka eli-19 odayisa amawigi kwi-inthanethi. Uzinze KwaZulu-Natali kodwa iningi lamakhasimende akhe lise-Gauteng. Ibhizinisi lakhe waliqala ngonyaka odlule ngezi-R5 000 kodwa manje wenza imali engaphezu kwezi-R20 000 ngenyanga.
Ngosomabhizinisi abanjani enibanakekelayo e-UKZN?
Sinosomabhizinisi emikhakheni ehlukene. Abanye basemkhakheni wemisebenzi kanti abanye basebuchwephesheni. Sinosomabhizinisi osungule uhlelo lokusiza odokotela bagcine amafayela.
Osomabhizinisi bethu bayashiyana ngeminyaka futhi basemikhakheni ehlukene. Kudala babesemikhakheni yezohwebo nezamabhizinisi kepha manje abafundi abakwezobuciko, ezemfundo nezobunjiniyela sebeqala amabhizinisi. Basabalele njengoba kukhona nabenza iziqu zokuqala, ezenza i-Onazi, iMasitazi neziqu zobudokotela, abafundi abaneminyaka ehlukene kuthi omdala abe neminyaka engama-29. Iningi labafundi bethu abangosomabhizinisi ngabantu besifazane.
Niyazisiza abafundi ezingekho enyuvesi yenu?
Okwamanje, sigxile kubafundi base-UKZN.
Ngeminye imininingwane nge-InQubate yase-UKZN, vakashela: http://inqubate.ukzn.ac.za/organizational-structure/.
Lolu wudaba oluhluziwe lwaqale lwabhalwa ngu-Charmain Naido, lashicilelwa kwi-Daily Higher Education News yaseNingizimu Afrika (yango mhla we-9 ngoLwezi) ngaphansi kwesihloko esithi #SEW2020 ohlelweni lwe-Entrepreneurship Development in Higher Education (i-EDE). UNks Naidoo ungumbhali ozimele we-Universities SA (i-USAf)
Izithombe: Zithunyelwe



