
Umkhankaso Wokulwa Nokuhlukumeza Ngokobulili Kwezokuthutha Umphakathi
Click here for English version
i-UKZN ibambisene ne-Ayanda Msweli Foundation, i-Commission for Gender Equality, nemboni yamatekisi bethule umkhankaso wokulwa nokuhlukumeza ngokobulili erenki yase-Pinetown eseNtshonalanga yeTheku.
Umkhankaso iPhepha Thembeka Vikela Against Gender-Based Violence ihlose ukukhuthaza imboni yamatekisi – ososeshini, abanikazi nabashayeli – nabanye abalingani abamqoka ukuthi bakhombise abagibeli ukuziphatha okunenhlonipho nokungenandluzula, ukugwema ukuhlukumeza ngokocansi, ukukhuthaza ukulingana ngokobulili nokuphepha kwabantu besifazane nezingane embonini yamatekisi.
‘Umkhankaso uhlose ukubona izenzo ezithunaza abantu besifazane, ukwandisa inhlonipho nesithunzi kubagibeli besifazane nokunciphisa izenzo ezibhebhezela ukuhlukumeza ngokobulili embonini,’ kusho iPhini leSekelaShansela laseKolishi lezeSayensi yezeMpilo, uSolwazi Busi Ncama.
USolwazi Gugu Mchunu wase-UKZN uthe izinto zokuthutha umphakathi ziyinsika yempilo yemihla ngemihla kubantu abaningi baseNingizimu Afrika kanti amarenki amatekisi athathwa njengendawo ephephile lapho zingekho khona izigebengu. Ugcizelele ukuthi amarenki amatekisi kufanele abe yizindawo ezikhuthaza ukuphepha empilweni.
‘Indluzula yokuhlukumeza ngokobulili ezintweni zokuthutha umphakathi isiyinto evamile. Izigameko ziphakathi “kwezincane” nezi“nkulu”. Phakathi kokuhlukunyezwa abantu besifazane ababhekana nako ezintweni zokuthutha umphakathi kukhona ushayelwa ikhwelo, ukunakashelwa, ukuthintwa ngendlela engafanele, inhlamba, ukwethiwa amagama nezinye izinto eziningi ezihlukumeza ngokobulili,’ kusho uSolwazi uMchunu. ‘Ukubhekana ngokuphelelele nokuhlukumeza ngokobulili, sibone isidingo sokugxila ezintweni zokuthutha umphakathi, kuqala embonini yamatekisi.’
Bobabili osolwazi sebeke benza imisebenzi eminingi ethinta imboni yamatekisi.
‘Siyi-SANTACO sithi lutho,’ kusho uMengameli we-South African National Taxi Council (i-SANTACO) e-Durban West, uMnu Mathula Mkhize.
Inxusa lezokuphepha emgwaqweni, uMnu Ayanda Msweli uthe lo mkhankaso uzoqala ngokubheka izitikha ezihlambalaza abantu besifazane. Inhloso wukuziqeda kule mboni. Ugcizelele ukuthi abashayeli bamatekisi benza umsebenzi omuhle emphakathini, wabakhuthaza ukuthi baqhubeke nokuvikela abantu besifazane, babenze bazizwe bephephile emarenki amatekisi.
Amagama nezithombe: ngu-Nombuso Dlamini