
Umfundi wezeMfundo Uqokelwe Kwelokubhala Phesheya
Click here for English version
Umfundi weMastazi kwezeMfundo nowuqweqwe lombhali, uNks Fiona Khan, uqokelwe kwi-2020 Nanjing International Writers’ Residency Programme.
Lolu hlelo lwasungulelwa ukuphucula ikhono lokubhala nokuqonda amasiko ehlukene ababhali abanamakhono ahlukene basemadolobheni abanesiko elinothile lokubhala, ikakhulukazi ama-UNESCO Cities of Literature.
Minyaka yonke ababhali abaphakathi kwabayisithupha nesishiyagalombili basemadolobheni ababambe iqhaza kulo hlelo baqokelwa uhlelo lwaphesheya lwenyanga e-Nanjing, e-China, ukuthi bayofunda ngezinto zakhona ezihlukene, baqonde kangcono ngezincwadi zakhona, bathole ukukhuthazeka ngalezi zinto ezintsha.
‘Yimina kuphela emhlabeni umbhali ovakashele amazwe amabili ehlukene ngokohlelo lokubhala izincwadi zezingane nezabantu abadala. Kukodwa loko yinto enkulu. Umsebenzi onzima wami weminyaka engama-30 kulo mkhakha usuthela izithelo,’ kusho u-Khan. Ubesekomitini labehluleli laseThekwini Municipality elikhethe i-Nanjing njengelinye lamadolobha ayishumi aqokwe ngonyaka wezi-2019 njenge-UNESCO City of Literature.
‘Ngesikhathi ephesheya, u-Khan uzobhala ngezigemegeme zakhe ese-Nanjing. Uzovakashiswa idolobha lonke nemitapo yolwazi ngobuchwepheshe besimanje, abone izinto ezehlukene ngesiko nomlando nobukhosi obuhlukene base-Nanjing. Uhlelo luzogxila e-Nanjing njengenhlokodolobha yokuqala yase-China, lugxile ezintweni ezehlukene emibhalweni eqhamuka kuleli dolobha nakuleli zwe.
U-Khan uzohlangana nabanye ababhali ukudingida ngezincwadi zabo, izinto ezithinta indlela ababhala ngayo nendlela abanye ababhala ngayo. Uzovakashela ezitolo eziningi ezidayisa izincwadi, nezingxoxo ngemikhosi eminingi yamasiko nokuvela kwayo ezincwadini.
Uzobhala inoveli noma indatshana okuhambisana nokuhlala kwakhe phesheya. Izihumusho zesiShayina zezincwadi zakhe zizoshicilelwa emithonjeni yezindaba ekupheleni kohlelo.
‘Loku kuzoba yingqayizivele yethuba ngezinto azibonile nezindlela ezihlukene zokubhala ngamasiko nomlando,’ kusho yena.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe