
OwayeyiPhini LeJaji e-SA Uxoxe Ngencwadi Yakhe Entsha
Click here for English version
I-All Rise: A Judicial Memoir incwadi entsha ebhalwe ngowayeyiPhini likaMengameli wamaJaji kuleli, u-Justice Dikgang Moseneke, ibiyisihloko ebesidingidwa kwingosi yokuxhumana ngobuchwepheshe ebihlelwe yiSikole sezoMthetho ngokubambisana ne-Pan Macmillan Publishers.
Le ngxoxo ebiphethwe yiDini neNhloko yeSikole sezoMthetho, uSolwazi Managay Reddi, ibinezikhulumi obekukhona kuzona uSolwazi Warren Freedman waseSikoleni sezoMthetho nomshushisi omkhulu wasemaJajini uNks Andrea Gabriel, ababedingida iminyaka eyi-16 uMoseneke ehleli esihlalweni eNkantolo yoMthethosisekelo, isimo sezomthetho manje, ikusasa lezomthetho leNingizimu Afrika neqhaza lomphakathi.
Ekhuluma kule ngosi, uMoseneke uthe le ncwadi akuyona incwadi engomlando wakhe kepha futhi iyincwadi yomlando elanda ngokusungulwa kweNkantolo yoMthethosisekelo ngonyaka we-1994 nezinkulumo-mpikiswano zangaleso sikhathi, nokuthi ingabe u-Nelson Mandela waqoka amajaji afanele yini. Okunye okubalulwe encwadini wumlando wokusungula iKhomishini yamaQiniso nokuBuyisana, isungulwa wuHulumeni woBumbano ngonyaka we-1996 ukubheka isihluku esenzeka ngesikhathi sobandlululo. Incwadi ivala ngesahluko ngesibhicongo e-Life Healthcare Esidimeni, lapho kwafa khona abantu abayi-143 ezindaweni ezehlukene ezigcina abantu abagula ngengqondo e-Gauteng; bebulawa yindlala nokunganakekelwa. UMoseneke waqokwa wuMengameli ukuthi abe nguSihlalo weKhomishini yoPhenyo eyayiphenya ngalesi sibhicongo.
Okunye okuchazwayo yindlela kaMoseneke yokuba yiPhini likaMengameli wamaJaji kuleli, imibango yezombusazwe enhlanganweni ebusayo, ukuthi izahlulelo zibhalwa kanjani, noxhaxha lwemisebenzi ehambisana nokuba yijaji, phakathi kwezinye izindaba ezimnandi.
‘Le “ncwadi yomlando wezomthetho" ilanda ngezinye izigameko zami ekubeni yijaji, amanye amajaji, ikakhulukazi amajaji aseNingizimu Afrika angathandi ukuzidalula njengoba kunomkhuba wokungakhulumi ngazo nokufihla. Yingakho ngibone loku njengethuba lokuqeda lelo siko,’ kusho uMoseneke.
Ekuphawuleni kwakhe, u-Freedman ukhulume ngezinto ezibhekwayo ngaphambi kokuthi umuntu abe yinhloko yamajaji, okuzokwenzeka ngonyaka ozayo, nokuthi ingabe sesifikile yini isikhathi sokubeka ijaji lesifazane.
U-Gabriel ubuze ukuthi uma uMoseneke ethi ‘Phakamani Nonke,’ kufanele umphakathi, abafundi bezomthetho nabameli basabele kanjani kulelo khwelo?
UMoseneke uphendule ngokuthi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika kufanele zifune abantu bomphakathi abakhuthele. ‘Abantu kufanele bazi ukuthi wumsebenzi wabo lona. Sidinga abantu abasha abazongena ezikhundleni abazofaka umfutho kulezo zikhungo okudingekayo ukuthi zisebenze kahle,’ kusho yena. ‘Ngifuna ukubona abameli abancane abaphuma enyuvesi benesifiso sokufana noMqondisi kaZwelonke weZokushushisa eMphakathini uShamila Batohi, nabo bathi bafuna ukuba ngabashushisi. I-All Rise ihlose ukuvusa intsha yethu nomphakathi ekutheni babone ukuthi kuningi okungenziwa futhi kuningi esidinga ukukwenza,’ kusho uMoseneke.
U-Reddi weluleke wonke umuntu ukuthi afunde incwadi, wayichaza ngokuthi iwumlando oveza konke ngempilo kaMoseneke yokuba ngummeli.
‘Iseluleko sokugcina asinike sona, engethemba ukuthi sisithinta sonke, sithi kufanele sibe yizakhamuzi ezisebenzayo, sizibambe ziqine. Le ncwadi ibhalwe ngendlela eyenza ukuthi kube lula kuwona wonke umuntu ukuthi ayiqonde,’ kusho u-Reddi.
‘U-Justice Moseneke unikele ngamakhophi angama-30 encwadi yakhe e-UKZN, okuzokwenza ukuthi itholwe nangabanye abafundi, hhayi abezomthetho kuphela, emitapweni yolwazi kwezinye izimpiko zenyuvesi,’ kuphetha yena.
Amagama: ngu-Thandiwe Jumo
Isithombe: Sithunyelwe