
Izifundiswa Zase-UKZN Ezinothando Lokunakekela Izingane Ezigulayo
Click here for English version
Othisha base-uKZN eMnyangweni wokulashwa kweziNgane nezeMpilo yeziNgane uDkt Julia Ambler noNks Tracey Brand belapha izingane ezigulayo enhlanganweni yabo eyaziwa ngokuthi Umduduzi Hospice Care for Children.
Umduduzi, owasungulwa ngonyaka wezi-2013, uyinhlangano engenzi nzuzo yaKwaZulu-Natal enakekela nesiza izingane ezinezifo ezingelapheki.
U-mbler, ongudokotela, wahlala iminyaka eyisithupha e-United Kingdom lapho akhuthazeka khona ukugxila ekuguleni kwezingane nodokotela wezingane eHelen and Dougles Houses e-Oxford.
Uyiphini lomqondisi nenhloko yezomtholampilo kuMduduzi, welapha izingane ezikhubazekile aqeqeshe abelaphi nabafundi bezobudokotela. Ubhale izahluko eziningi zocwaningo ngokunakekelwa kwezingane ezikhubazekile ezincwadini ezinhlanu zokufundisa, kanti eyokugcina ibigxile ekwelapheni ngesikhathi se-COVID-19. Njengongoti kwezokuxhumana, uvame ukuhola izingisi ze-Medical Protection Society.
U-Brand kudala wayefunda e-UKZN wathola iziqu zokuqala nezilandelayo kwezeNhlalakahle. Une-Postgraduate Diploma kwezoMshado nezoKweluleka, kanti wasungula i-Durban Branch of the Bigshoes Foundation ngonyaka wezi-2008 lapho afaka khona uthando lokunakekela izingane ezikhubazekile. Kusukela ngaleyo nkathi uNks Brand ubeneqhaza ekufundiseni nasekuqeqesheni odokotela, onesi nosonhlalakahle ekunakekeleni abantwana abakhubazekile, wenza nezifundo ezithinta loku. Unakekela izingane ezigulayo emakhaya.
Umduduzi ube neqhaza ekusizeni imindeni eminingi eKZN ngokunciphisa izinhlungu kubantwana ngokunakekela nokweseka imindeni egulelwayo neshonelwe. Umduduzi usebenzela umphakathi ngozwelo, ngenhlonipho nokunakekela okufanele ngokunciphisa izinhlungu ngomsebenzi owenziwa ngokunakekela iziguli ngqo, ukufundisa, ukuhlomisa onompilo ngolwazi, ukuqeqesha nokufundisa.
U-Ben Hawkes watholwa ene-osteosarcoma (umdlavuza wamathambo) eneminyaka eyi-10. Walwa nayo ngesibindi nge-chemotherapy, wahlinzwa kwazanywa nokuyishisa kodwa emva kwaloko umdlavuza waziveza kwenye indawo, watholakala emaphashini. Ngemva kokwenziwa enye i-chemotherapy, isimo sakhe sabheda kakhulu kangangokuthi udokotela owelapha umdlavuza wamnika izinsuku ezintathu ephila.
Unina ka-Ben, uNkk Angela Hawkes, uyalanda: ‘KwakuwuMgqibelo ebusuku ngithola ucingo oluvela komunye wamalungu ebhodi yoMduduzi owayezwe ngomzala wakhe ngendaba yendodana yethu u-Ben, wase engixoxela nge-Palliative Care yoMduduzi. Ngikhumbula ukuthi ngathi ngiyabonga kodwa ngikhumbula ukuthi udokotela womdlavuza wayethe yayingeke iphele impelasonto u-Ben esekhona.
‘Emva kwaloko kwenzeka into exakile, kwaba sengathi u-Ben uba ngcono, uyalulama. Ngabheka Umduduzi ku-Google, ngathola imininingwane yawo, ngabathumela i-email phakathi kwamabili kwathi ngo-8 ekuseni ngathola ucingo lukaDkt Amble, kanti wayesefike ekhaya ngo-1 emini ngalo lolo suku.
‘UDkt Ambler wakhuluma nathi ngendaba yokunakekela iziguli ezingelapheki; ukuthi singalindelani nendaba yokufa. Into enkulu eyavela kuleyo nkulumo wukuthi umuntu akufanele akholelwe esikhathini esibekiwe ngokudlula komuntu njengoba kwenzeka u-Ben wahlala nathi ekhaya amasonto ayisikhombisa. UDkt Ambler waseluleka ukuthi singalindelani esigabeni sokufa, sadingida eminye imithi yezinhlungu ukuqinisekisa ukuthi u-Ben akabuzwa ubuhlungu nokuthi nathi siphatheke kanjani emoyeni.’
‘U-Ben washona ngokuthula ngehora lesibili entathakusa embhedeni wakhe ekhaya enabo bonke abantu abamthandayo. Lawo masonto ayisikhombisa esawahlala nendodana yethu ayethusa kakhulu, edabukisa kodwa okunye wukuthi ayeyisikhathi esikhethekile kanti ukwesekwa Umduduzi kwasisiza kakhulu. Umunyu wokushonelwa awupheli kodwa ngiyazi ukuthi emva kweminyaka emibili nakuba sisamkhalela zonke izinsuku kodwa ukuba no-Ben ngemizuzu yakhe yokugcina njengomndeni kwaba futhi kuyohlale kuyisikhathi esimnandi.’
INhloko yoMnyango wokwelapha nokuNakekela Izingane uSolwazi Refiloe Masekela uthe: ‘Umduduzi weseka, unakekele izingane nemindeni yazo ngendawo yokuhlala njengokuphela kwendawo esiza abagulayo KwaZulu-Natal ngothando nokunakekela kwawo banika abantu bethu “abancane” imfudumalo nezwi.’
U-Ambler no-Brand bahlala namadodana ka-Ambler, u-Luke no-Jack eThekwini.
Umduduzi uthembele eminikelweni nasekuxhasweni ukwenza umsebenzi wawo. Ukunikela noma ukusiza le nhlangano, bhalela ku: info@umduduzi.co.za noma uvakashele ku: www.umduduzi.co.za.
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe