UDkt Sooraj Baijnath oyi-Bioanalysis Rising Star yangowezi-2020.Usosayensi wase-UKZN Uthole Indondo Yaphesheya
Click here for English version
UDkt Sooraj Baijnath, i-honorary fellow yocwaningo eMkhakheni we-Pharmaceutical Science e-UKZN uwine umklomelo waphesheya i-Bioanalysis Rising Star Award.
U-Baijnath ubeqhudelana nabanye ososayensi abasebancane abahlonishwayo emhlabeni jikelele basemazweni anjengeMelika, i-United Kingdom, India, ne-China. Ungumuntu wokuqala wase-Afrika nowaseNingizimu Afrika ukuzuza lo mklomelo.
I-Bioanalysis Rising Star iwuklomelo ohlonishwayo waminyaka yonke oklomelisa ososayensi abasafufusa emkhakheni we-bioanalysis. Inhloso yalo mncintiswano, oxhaswe yi-Waters Corporation, ngukufukula umsebenzi wabacwaningi abanethalente elikhulu, ubanike inkundla yokusimama emkhakheni we-bioanalysis. Umklomelo kaSolwazi Baijnath uhambisana nohambo ozindleko zalo zonke zokuya phesheya zikhokhelwe ukuya e-Waters Corporation eMelika ukuthi ayofunda ngobuchwepheshe obusha kulo mkhakha.
U-Baijnath uphawule wathi: ‘Usizo engiluthole emhlabeni wonke luyamangalisa. Ngifisa ukubonga bonke abaxhasi bomklomelo, i-Waters Corporation ne-Bioanalysis Zone ngaleli thuba.’
Umsebenzi wocwaningo ka-Baijnath, owake wathola umklomelo i-Excellence Award yangowezi-2016 ye-National Research Foundation kanjalo nomklomelo i-Teaching and Learning 2018 Award for the Best Emerging Teacher yaseKolishi lezifundo ZezeMpilo e-UKZN, waqala ukuvelela ngenkathi enza ucwaningo lweMastazi yeSayensi yezokweLapha lapho enza khona indlela yokucwaninga ushintsho kwifiziyoloji nama-molecular biomarkers ngezikhathi ezihlukene zokukhulelwa komuntu. Ngesikhathi enza iziqu zobudokotela, wayeneqhaza elikhulu ekucwaningeni ama-antibhayothiksi, egxile kwi-meningitis ebangwa yisifo sofuba ezilwaneni esebenzisa iLC-MS ne-mass spectrometry imaging (i-MSI). Wasungula umsebenzi omusha lapho okwakuqhathaniswa khona ukuvuvukala kwamaphaphu, ngemuva kokuqaphela ukushoda ezindleleni ezikhona ze-MSI.
U-Baijnath usanda kuthuthela e-Uppsala University e-Sweden lapho ethathe khona indawo yokuba wumcwaningi eMnyangweni we-Medical Mass Spectrometry. Umuntu omqokele kulo mklomelo wuDkt Sanil Singh, ophawule wathi: ‘Amakhono kaSooraj ahlonishwa kulelizwe naphesheya ngokuba yingxenye ye-DIPLOMICS South Africa Mass Spectrometry Society nokuba ngomunye wabafaka isicelo kumfundaze wezinto zamagumbi okucwaninga imbewu nomfundaze wokuhlanganyela i-STINT Swedish. Amakhono akhe ngawezinga eliphezulu, njengoba esake waqeqeshwa e-Bruker Headquarters e-Germany nase-Uppsala University e-Sweden.'
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe



