
Owenza Iziqu Zobudokotela Ezibalweni Ubekwizikhulumi Ethimbeni Labesifazane Elivelele
Click here for English version
UNks Sinenhlanhla Precious Sikhosana ubambe iqhaza kwi-Standard Bank Top Women Conference, lapho ekade eno-Miss Universe, uNks Zozibini Tunzi; i-Standard Bank Head of Policy, Advocacy and Sustainability, uNks Wendy Dobson; nomele i-UN Women South Africa, uNks Anne Githuku-Shongwe ukubhunga ngokubumba isizukulwane esilungele ikusasa.
Le ngqungquthela yokuxhumana ngobuchwepheshe bokuxhumana besimanje ibinohlelo olunothile lwabaholi abavelele nongoti abakhuthaze, beluleka osomabhizinisi base-Afrika abayizi-10 000.
Kucelwe lo mfundi ewenza iziqu zobudokotela emkhakheni waso e-Astrophysics Research Centre (e-ARC) ukuthi siphose esivivaneni ngolwazi nangamava aso engxoxweni njengososayensi. USikhosana, oyisishabasheki samalungelo abantu besifazane kwezesayensi, ukholwa wukuthi abantu besifazane kufanele bafise ukuba nezikhundla ezizokwenza ukuthi iqhaza labo lilethe ushintsho oluzohlale lukhona.
‘Ngijabulile ukuba semcimbini omkhulu kangaka,’ kusho yena.
Engxoxweni bekuhlaziywa ukuthi kungakanani okusasele ukuqinisekisa ukuthi kunokulingana ngokwezizukulwane nangokobulili, izikhulumi zagcizelela ukuthi okwenziwa yisizukulwane samanje kumqoka ekutheni isizukulwane sangomuso sikubone ukulingana.
‘Isizukulwane sethu sithathe izintambo esizukulwaneni esalwela inkululeko nokulingana emfundweni; manje sekuyisikhathi sethu sokuqinisekisa ukuthi isizukulwane sangomuso siyakwazi ukufinyelela ngokulinganayo kuyona yonke imikhakha, ngisho nokulwa nezindlela ezikhona ezivala amathuba,’ kusho uNks uSikhosana.
USikhosana - engeza kokushiwo wuTunzi, u-Dobson, noGithuku-Shongwe - ukhulume ngokukwazi ukuthola imfundo esezingeni eliphezulu, wathi kumqoka ukuqinisekisa ukuthi izizukulwane zangomuso ziyakwazi ukubamba iqhaza kuyona yonke imikhakha emphakathini nasezimbonini, ngisho nakulezo okukhonya abantu besilisa kuzona. Ubalule ukuthi ushintsho olukhulu lwangomuso luqala ngezinto ezincane ezenziwa manje lapho umuntu ngamunye ekhona.
Ukusebenza emkhakheni lapho abantu besifazane bengakhuthazwa ukuba kuwona nokuchuma kwenze ukuthi uSikhosana alwele amalungelo abantu besifazane kwisayensi. Unxuse ososayensi besifazane ukuthi baxhumane nemiphakathi yabo, ikakhulukazi abantu besifazane abancane abafisa ukwenza imisebenzi yesayensi ukuze bakhombise ukuthi abantu besifazane banendawo kwezesayensi. Ukhuthaze abantu besifazane ukuthi bacije izizukulwane zabantu abasha ukwandisa iqhaza labantu besifazane kwisayensi.
Ngonyaka wezi-2017, uSikhosana wabalwa njengomunye wabavelele abangama-Wonder Women in Science eKolishi lezoLimo, ezobuNjiniyela nezeSayensi. Kumagalelo akhe kukhona ukuphasa ngamalengiso iziqu zokuqala neze-Onazi, ukuba ngomunye wabafundi abavelele beKolishi nokuthola umfundaze i-Hope Scholarship yokuyofunda inyanga e-Princeton eMelika. Usanda kuthola i-Department of Science and Innovation TATA African Women in Science Doctoral Scholarship nomfundaze wocwaningo i- L’Oréal-UNESCO For Women In Science. Ube ngomunye wososayensi abancane abavelele abangama-20 abebemele iNingizimu Afrika kwi-Lindau Nobel Laureate Meeting yama-69 eJalimane kanti manje usethimbeni lama-blogger e-South African Young Academy of Science.
USikhosana wenza ucwaningo lweziqu zobudokotela kwi-diffuse radio emission emaqoqweni ase-Atacama Cosmology Telescope (ase-ACTPol). Lolu cwaningo olusebenzisa izipopolo ezinjenge-MeerKAT yaseNingizimu Afrika lugxile ekutheni akhiqizwa kanjani amafothoni.
Amagama: ngu-Christine Cuénod
Isithombe: Sithunyelwe