Abafundi besetafuleni lase-UKZN le-World Food Day bafunde ngokulima ukudla kwabo, ukudla ukudla okuphelele nokuqonda amagama abhalwe ekudleni nokuthi kuthengwa kanjani ukudla okunempilo okungabizi.ISimpoziyamu Yokuqala Yosuku Lokudla E-UKZN
Click here for English version
I-College of Agriculture, Engineering and Science (i-CAES) yase-UKZN ibihlele umgubho wokuqala we-World Food Day ngesimpoziyamu enkundleni yokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje, ihambisana netafula lokudla ophikweni lwaseMgungundlovu, ebihlose ngalo ukugqugquzela ucwaningo nobuchwepheshe ukuthuthukisa izindlela zokukhiqiza ukudla nokukhiqiza ukudla okondla isizwe.
I-UKZN ihlanganyele nesizwe nomhlaba ukuveza usizi lwabantu abalambile abayizigidi ezingama-870 emhlabeni wonke, iningi labo elihlala ezindaweni ezisemakhaya lapho indlela enkulu yokuziphilisa kungezolimo.
Izikhulumi ezevile kwi-130 bezikule simpoziyamu. IPhini leSekelashansela lase-CAES, uSolwazi Albert Modi, lithe inhloso yalo mcimbi bekungukubheka ukuthi kwenziwani ngocwaningo olwenziwa e-UKZN ukushintsha impilo yabantu. Libalule ukuthi iningi labafundi base-UKZN livela emakhaya nasezindaweni ezingasemakhaya lapho ububha nendlala kudlange khona kanti iningi ezimpikweni ezinhlanu zeNyuvesi zihlala ezindaweni ezihlala abafundi futhi zixhaswe nguhulumeni.
U-Modi umemezele ukuthi i-UKZN yenza uhlelo lokulwa nobubha kubona bonke, ibheka izindlela ezintsha zokuthi abafundi bazitshalele ukudla nokubahlomisa ngamakhono nolwazi lokuthi babhekane nezimo zazo ngokubheka imiphumela yezempilo neyemfundo.
UNks Shelley Barnsley wase-CAES Student Support Services ukhulume ngenkinga ecashile, evamile neyandile yendlala kwizitshudeni e-UKZN, wagcizelela ukuthi umfundi ophilile uyinyuvesi ephilile, wase exoxa ngezinto ezinomthelela nezisombululo.
USolwazi Tafadzwa Mabhaudhi wase-Centre for Transformative Agricultural and Food Systems (i-CTAFS) ukhulume ngokuhlangana kwaManzi, Amandla kagesi nokuDla, wabalula ucwaningo olwenziwe e-UKZN ngalezi zinto, wagcizelela ukuthi i-COVID-19 ibhebhezele izinto phambili ngokungalingani nokuthi kudingeka indlela ehlelekile yokuqinisekisa ukuthi abantu bakwazi ukuthola lezi zinto ngemva kweCOVID-19.
USolwazi Suna Kassier wase-Dietetics and Human Nutrition ugcizelele ubumqoka bokuthi abafundi balandele uhlelo lokudla olunempilo, wachaza ukuthi kusho ukuthini ukuba nokudla, wagcizelela izinga lokudla nokudla okwenele.
USolwazi Betty Mubangizi, uSihlalo we-South African Research Chair of Sustainable Local (Rural) Livelihoods e-UKZN, ukhulume ngobukhona bokudla nohulumeni wasekhaya nokuthi le mikhakha ingabambisana kanjani ukukhiqiza ukudla.
USolwazi Maheshvari Naidu wase-Discipline of Anthropology ukhulume ngobumqoka besimo neso lokubuka izinto, okukhona kuzona ukuzimela kokudla nobulungiswa ekudleni.
UMnu James Martin, isiKhulu esiPhezulu esiBambile kuMgungundlovu Economic Development Agency (i-UMEDA), uthe ezolimo zingumgogodla wazo zonke izinto zomnotho, kwathi uMnu Lunga Schoeman wase-Shoprite wenaba ngezinhlelo zale nkampani mayelana nezinhlelo zokuxhosha indlala, ikakhulu lezo ezihlanganyelwe namanyuvesi.
UModi uncome ukugxila komcimbi esihlokweni, wathi lezi zingxoxo zizoba yingxenye yohlelo lokuqeda indlala i-Zero Hunger yeNyuvesi.
Izikhulumi ziphawule zathi umcimbi ufundisile, izingxoxo zavula amehlo abantu ngezindaba ezithinta ukuba khona kokudla nokuthi kuhle ukubuka izinto ngeso elifaka imikhakha eminingi.
Abafundi basekhempasini yaseMgungundlovu bakwaze ukuvakashela itafula lokudla lapho abafundi nabahleli bomcimbi base-Dietetics nase-CTAFS bedingide khona izinselelo ezithinta ukutholakala kokudla abafundi ababhekene nakho, bethula imincintiswano kubafundi ukwandisa ukudla kwaboo lapho zihlala khona nokuthenga ngendlela eyongayo ngemali encane; ukuthenga ukudla okunempilo nokungabizi. Abafundi bezi-Dietetics baveze amasu okulungisa ukudla okulula nezijumbana zokudla ze-Rise Against Hunger, kwathi imoto yokudla yakwa-Shoprite yanikela ngokudla.
Abafundi bakwaze ukuthola usizo oluzichazela ngamagama okudla, nokudla ukudla okuphelele nokuthi zingayithola kuphi incwadi ngokudlala okunempilo ngemali encane.
Lo mcimbi ubenezinhlangano eziningi njenge-Food and Agriculture Organization ye-United Nations; i-Enactus; umNyango wezaseMakhaya nezokuThuthukiswa komHlaba, i-Shoprite Checkers; umNyango wezoLimo wakwaKwaZulu-Natali, i-UMEDA; umNyango wezokuThuthukiswa kwezoMnotho, ezokuVakasha nezokoNgiwa komHlaba KwaZulu-Natali; i-South African Weather Service; i-South African National Biodiversity Institute; i-National Research Foundation; i-Institute for Commercial Forestry Research; i-Institute of Natural Resources; uMngungundlovu District Municipality; i-Water Research Commission; i-Sustainable and Healthy Food Systems programme noMngeni Resilience Project.
Amagama: ngu-Christine Cuénod
Izithombe: ngu-Nicole Chidzawo noNtokozo Dladla



