
Ubulungu be-ASSAf Kwizifundiswa Ezihlonishwayo Zase-UKZN
Click here for the English version
Izifundiswa ezintathu ezihlonishwayo zase-UKZN zibalwa nezifundiswa ezivelele nososayensi abavelele abangama-31 abangamalungu amasha e-Academy of Science of South Africa (i-ASSAf) kuthi umlingani oyedwa wemukelwe e-Academy of Science of South Africa (i-SAYAS).
USolwazi Petra Brysiewicz noSolwazi Thirumala Govender, bobabili baseKolishi lezeSayensi yezeMpilo, noSolwazi Kavilan Moodley waseKolishi lezoLimo, ezobuNjiniyela nezeSayensi (i-CAES) bangabanye abaseqoqweni lamalungu amasha e-ASSAf. USolwazi Lembe Magwaza wase-CAES ungomunye wabemukelwe yi-SAYAS.
Amalungu amasha e-ASSAf akhethwa ngamanye amalungu minyaka yonke njengoba lesi sikhungo sigxila ekufakeni izifundiswa ezivelele ezweni, sigcizelela ubumqoka bokuxhumana kwemikhakha ehlukene yezemfundo kumalungu aso. Ubulungu be-ASSAf bazisa amagalelo omuntu bese amalungu evolontiya ngesikhathi nekhono lawo ekusebenzeleni umphakathi. Iqoqo elisha lenze isibalo samalungu safinyelela kuma-597.
Kusukela ngonyaka wezi-2011, isikhungo sase-SAYAS siyinkundla yososayensi abancane baseNingizimu Afrika emikhakheni ehlukene ukuthi bahlangane, bathole amathuba okwazana namathuba okudlondlobala ngokomsebenzi, kubenze ukuthi babambe iqhaza eligcwele ezintweni ezithinta ucwaningo. I-SAYAS igxile kososayensi abangaphansi kweminyaka engama-40 abaneziqu zobudokotela nabavelele emikhakheni yabo.
U-Brysiewicz, ongusolwazi eSchool of Nursing and Public Health nosolwazi ngokuhlonishwa eDivision of Emergency Medicine e-University of Cape Town, uneqhaza elimqoka ezinhlanganweni eziningi ezenza umsebenzi wosizo oluphuthumayo zaseNingizimu Afrika nase-Afrika, ahole ukubuyekeza izifundo nokubhalisa kweminyango yezimo eziphuthumayo. Ukumhlonipha ngeqhaza lakhe elimqoka kwezezimo eziphuthumayo nezokuhlenga eNingizimu Afrika, waklonyeliswa nge-Order of the Emergency Medicine Society of South Africa, wahlonishwa yi-Academy of Nursing of South Africa. U-Brysiewicz ungumhloli omkhulu wohlelo oluxhaswe yi-Fogarty International Center of the National Institutes of Health ekuthuthukiseni abaholi bocwaningo kwezempilo.
U-Govender, ongusolwazi weFamasi kwi-Discipline of Pharmaceutical Sciences, inhloko ye-Drug Delivery Research Proto-Unit nenhloko yeNanoHealth Pillar of the UKZN Nanotechnology Platform, iziqu zobudokotela wazenza e-University of Nottingham eNgilandi nge-Commonwealth Scholarship. Ubekwe kuC1 ngokweNational Research Foundation (i-NRF), unamaphepha ocwaningo ali-113 wacashunwa ka-5 000, ugxile ekuthuthukisweni kwezinto ezintsha ezindleleni zokwelapha izifo.
U-Moodley, ungusolwazi eSchool of Mathematics, Statistics and Computer Science nomQondisi e-Astrophysics Research Centre, wafika e-UKZN ngonyaka wezi-2003 ngemva kokuqeda iziqu zobudokotela e-University of Cambridge eNgilandi nokwenza ucwaningo e-University of Oxford. Ugabe ngamaphepha ocwaningo angama-85, wacashunwa ka-6 000, ucwaningo luka-Moodley lugxile kwikhosimoloji. Ungumcwaningi omkhulu emsebenzini we-HIRAX telescope, uyilungu le- Astronomy Advisory Council yeNRF ne-South Africa Radio Astronomy Observatory User Committee, wake waba sesigungwini se-Atacama Cosmology Telescope project nethimba le-Square Kilometre Array Project nephini lomhleli we-South African Journal of Science. U-Moodley osake waklonyeliswa nge-South African Institute of Physics Silver Jubilee Medal ne-Fulbright Visiting Research Scholar Fellowship yase-Princeton University eMelika, useke wakhuluma ezingqungqutheleni eziningi zaphesheya.
UMagwaza, ongusolwazi e-School of Agricultural, Earth and Environmental Sciences, wenza iziqu zobudokotela kwisayensi yezitshalo e-Stellenbosch University kanti unamava ocwaningo evile eminyakeni eli-15 nawokufundisa eminyaka eyisishiyagalombili. Ungumcwaningi onezinga Y le-NRF, ugxile kwisayensi yezitshalo, umumo wezitshalo, osekuvuniwe nobuchwepheshe, nokwenza izindlela nenqubo yokugcina izinga lezithelo nelemifino nokunciphisa ukonakala kwesivuno. Ucwaningo lwakhe ngomnotho wezolimo wasemakhaya luhlose ukuqhamuka nezindlela ezintsha zobuchwepheshe zokwandisa isivuno nokuziphilisa ngokuphucula ukuvunda kwenhlabathi nokuthi abalimi abancane bangasebenzise imali eningi uma belima. Uhlale ebalwa nabacwaningi abavelele base-UKZN, uMagwaza useshicilele amaphepha ocwaningo evile kuma-85 ahlaziywe ngabalingani bakhe, wabhala izahluko zezincwadi ezinhlanu, wakhuluma ezingqungqutheleni phesheya ezingaphezu kwama-20. Useluleke abafundi abenza iziqu zobudokotela abayisishiyagalombili, abali-12 abenza iziqu zeMasitazi nebayisithupha abenza eze-Onazi.
Amagama: ngu-Christine Cuénod
Izithombe: Zithunyelwe