
Izifundiswa Zase-UKZN Ziphose Esivivaneni Ngamacebo Okuhlala Uphilile Ngesikhathi se-COVID-19
Click here for the English version
Izifundiswa zase-UKZN ziphose esivivaneni ngamasu ahlose ukululeka uhulumeni nezinhlangano zomphakathi zase-Afrika ngeqhaza elimqoka labantu lokuthi baphile ngesikhathi nangemuva kobhubhane iCOVID-19.
Ngenkathi kucaca ukuthi kunesidingo sokuqhamuka namasu, izinqubo nezinhlelo zokugqugquzela impilo ezwekazini, iqembu lezifundiswa, abacwaningi nabanye abalingani abevile kuma-40 basemazweni ayisishiyagalolunye ase-Afrika benze izethulo.
Leli thimba beliholwa wuSolwazi wase-UKZN, u-Rowena Naidoo ongumHoli weziFundo (kwa-Biokinetics, Exercise and Leisure Sciences) eKolishi lezeSayensi yezeMpilo, noSolwazi Vicki Lambert wase-Research Centre for Health through Physical Activity, Lifestyle and Sport (i-HPALS) e-University of Cape Town.
Ngokuhlanganyela basungule imihlahlandlela emibili, owokuqala ubhekiswe emphakathini wonkana kuthi owesibili ubhekiswe ezinganeni ezimweni ezintathu – okuyikhaya, isikole nomphakathi.
USolwazi wase-UKZN u-Verusia Chetty, osanda kubhala incwadi yezingane ngeCOVID-19, ungomunye womgogodla wethimba elibhale umhlahlandlela wesibili. Inhloso yenqubo, evunywe yi-African Physical Activity Network (i-AFPAN) nesekelwe wumNyango wezeMpilo waseNtshonalanga Kapa, wukubonisa abathatha izinqumo, abahleli nabaholi bezinhlelo ngesikhathi nangemuva kweCOVID-19.
U-Naidoo no-Chetty, bobabili abangama-Fellow e-DRILL (i-Developing Research Innovation, Localisation and Leadership), noSolwazi Brett Smith (we-DRILL) wase-University of Durham e-United Kingdom, baseqhulwini lokuhola umhlahlandlela we-Physical Activity and Health in Africa for Children and Adolescents with Disabilities: COVID-19 and Beyond.
Uhlelo lwe-DRILL luhlose ukucija abacwaningi bendawo ngekhono elidingekayo lokubhekana nezinselelo zezempilo ngokuhlanganyela nabantu baseNingizimu Afrika. Uhlelo lokuziqeqesha lunemixhantela eminingi ngokwemikhakha nobudlelwano obudingekayo bokuzuza imiphumela emikhulu emqoka ocwaningweni lwezempilo yomphakathi nezinsiza zayo.
Abahlinzeki bezempilo abaningi nabathathi-zinqumo manje bayavumelana ngobumqoka ngokusukumela izinto zezempilo nezentuthuko e-Afrika. Kuyinto eyemukelekile ukuthi ukuvama ukuziqeqesha kusindisa impilo, kuphucule izinga lempilo nelengqondo, kanjalo liphucule impilo yabantu ukuthi bangaguli kalula.
Akungabazeki ukuthi iCOVID-19 iveze ubumqoka bokunyakazisa umzimba nokuzivocavoca empilweni yomuntu ngamunye, kanjalo nempilo nokuphilisana kwezinhlanga ezihlukene.
Isinqumo sohulumeni sokunciphisa ukunyakaza kwabantu ukuze kuncishiswe ukubhebhetheka kweCOVID-19 kuvule intuba. Imigomo yenze ukuthi umphakathi, izikhungo zezempilo, amajimu nezinhlangano zomphakathi zikwazi ukuvika, ukuze zikwazi ukufinyelela ezindaweni zokuzicija. Ohulumeni kusobala ukuthi babonile ukuthi kunmqoka ukukwazi ukuzivocavoca.
Ukuze ukwazi ubona yonke imihlahlandlela, vakashela ku: https://www.westerncape.gov.za/westerncape-on-wellness, kuthi ezinkundleni zokuxhumana usebenzise u: #PhysicalActivity4Africa.
Amagama: ngu-Nombuso Dlamini
Izithombe: Zithunyelwe