
Umfundi Wezokulingisa Uthole Indawo Emdlalweni kaMabonakude Uzalo
Click here for English version
Umfundi wemidlalo yokulingisa wase-UKZN nowangenela isizini ye-13 ye-Idols SA ne-My Kitchen Rules, uNks Nomthandazo "Tee" Xaba uthole indawo emdlalweni kamabonakude wansuku zonke ohamba phambili Uzalo.
Okunye akwenzayo uXaba ngaphezu kokuba ngumfundi, ungumsakazi kwi-East Coast Radio kanti ubonakale okokuqala kuZalo enguSphilile, okungenzeka athandane nendodana kaGabisile uSibonelo, igeza likadokotela laKwaMashu.
‘Kuzenzakalele. Bengihlolelwa enye indawo, ngikholwa wukuthi babone kuyilena indawo engifanele. Ngiyabonga futhi nginenhlanhla ukuba kulolu hlelo. Uma ngibheka emuva uhambo lwami kusukela kuma-Idols kuya kwi-My Kitchen Rules kuya kwi-East Coast Radio noZalo manje, angikholwa,’ kusho yena.
UXaba uziqhathanise nendawo yomlingiswa wakhe uSphilile, wathi (uSphilile) uyazethemba uma kukhulunywa ngezobudlelwano. ‘Akafani nami njengoba yena ezethemba uma kukhulunywa ngezobudlelwano. USphilile uqhathwe nabanye abantu besifazane ababili, kodwa wathandwa wumamezala wakhe. Uphuma emndenini omuhle kanti uthobeke kakhulu kepha ngenkathi ngilingisa indawo yakhe, ngabona ukuthi kukhona ezinye izinto ngaye. Akaqondakali, kanti ngokuqhubeka kwesikhathi ababukeli bazomqonda. Namanje ngisazama ukuqonda ukuthi le nto uyenze ngenxa yothando noma ngenxa yothando lwemali,’ kusho yena.
UXaba ungumlandeli omdala woZalo. ‘Lubumbe abantu abaningi, kanti ukuba yingxenye yomdlalo wansuku zonke yimpumelelo enkulu kimina,’ kusho yena.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe