
Umfundi wezobuDokotela e-UKZN Uhlonishwe yi-Mail & Guardian
Click here for English version
Umfundi owenza unyaka wesithupha kuziqu zobuDokotela, uMnu Kapil Narain, ungomunye we-200 Young South Africans abahlonishwe yiphephandaba i-Mail & Guardian.
Kulo nyaka bekukhethwe abantu abevile kwizi-8 000. U-Narain, ongomunye wabangama-22 emkhakheni wezempilo, ungomncane futhi emkhakheni wakhe.
‘Laba ngabantu abasha abangaphansi kweminyaka engama-35 ubudala ababumba iNingizimu Afrika nabazoba negalelo elikhulu ngomuso. Lo mklomelo uwubufakazi obukhulu bomsebenzi wokuzikhandla owenziwa yilaba bantu ukuletha ushintsho oluhle emphakathini okudlange izinselelo nobunzima okuningi kuwona,’ kusho isiKhulu esiPhezulu e-Mail & Guardian, uMnu Hoosain Karjieker.
U-Narain, ongumholi omusha oseke wawina izindondo eziningi, ukhuthazwa yisidingo sokuphucula ezempilo nokulungisa isimo esikhona samanje. Useke waqala imikhankaso yokufundisa ukubhekana negama elibi lesifo sofuba, esokugula ngekhanda, isandulela-ngculazi nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanti unothando ngokuhumusha ucwaningo lwezempilo.
Wathola indondo i-Abe Bailey Travel Bursary ngonyaka odlule, eyamhlanganisa nabaholi be-African Union e-London, e-Cambridge, e-Oxford nase-Edinburgh. Wathola nomfundaze we-World Health Assembly e-Geneva, e-Switzerland, lapho ayemele khona indaba yokuthi wonke umuntu athole ukuhlinzekwa ngezempilo.
‘Ngijabule kakhulu ngalo mklomelo. Ufakazela imizamo yami nomoya wokufukula umphakathi nobuntu ukuqhakambisa ezempilo ngokukhuluma ngazo, ezemfundo nobuholi. Ngibonga umndeni wami, ozakwethu nothisha base-UKZN abahlale bengigqugquzela,’ kusho u-Narain.
Uhlu lwe-Mail & Guardian luwubufakazi babantu abasha abasesicongweni emkhakheni wabo. Kwabanye asebake baklonyeliswa ngayo kukhona u-Trevor Noah, u-Caster Semenya, uMamokgethi Phakeng, u-Lauren Beukes, no-Lady Skollie.
Amagama: ngu-Lihle Sosibo
Isithombe: Sithunyelwe