USolwazi wekhemistri yezemithi yokwelapha olikizela izindondo u-Beatriz de la Torre.USosayensi Wase-UKZN Uqokelwe KwiBhodi Eluleka KwezokuHlelwa KweBhuku Locwaningo Elihlonishwayo
Click here for English version
USosayensi odle ngokuhlabana kwi-Green Solid-Phase Peptide Sythesis, uSolwazi Beatriz de la Torre ukhethwe ukuthi abe yilungu leBhodi Eluleka KwezokuHlelwa yebhuku locwaningo i-ACS Omega.
I-ACS Omega, eyibhuku lamaphepha ocwaningo le-American Chemical Society, isanda kushicilela ushicilelo olwenziwe ezinkundleni zokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje ebelibizwa ngokuthi yi-Chemistry in Africa: Open & Global. Lolu shicilelo luveza amagalelo abacwaningi bezesayensi base-Afrika, bese kuqhakambiseka ucwaningo lwezesayensi olusezingeni eliphezulu olukhona e-Afrika.
Elinye lamaphepha ocwaningo akhona ebhukwini locwaningo ngelika-de la Torre namanye amalungu ase-UKZN ngokuhlanganyela nethimba laseGibhithe elithi Lysine Scanning of Arg10-Teixobactin: Deciphering the Role of Hydrophobic and Hydrophilic Residues.
Uphawule wathi: ‘I-ACS Omega yibhuku locwaningo elivulelelwe bonke abantu elisezingeni eliphezulu. Lineminyaka emihlanu. Ukwethulwa kwe-Chemistry in Africa: Open & Global wumkhankaso omuhle wokuphakamisa isayensi yase-Afrika kanti sijabule ngalolu shicilelo.’
U-De la Torre wathola iziqu zeKhemistri e-University of Barcelona (e-Spain) ngo-1989, wathola iziqu zobudokotela kwiKhemistri kuyona le nyuvesi ngo-1993. Ucwaningo lweziqu zobudokotela walenza e-Consejo Superior de Investigaciones Cientí¬ cas (e-CSIC, e-Spain) nase-Medicinal and Pharmaceutical Chemistry Department e-Loughborough University of Technology (e-United Kingdom).
Kusukela ngonyaka wezi-1994 kuya kowezi-2002, wayengumQondisi we-Oligonucleotide Synthesis Facility e-CSIC, wase eba wumCwaningi oSizayo kusona lesi sikhungo. Ngonyaka wezi-2003, waya e-Pompeu Fabra University (e-Barcelona) emNyangweni we-Proteomics ne-Protein Chemistry, lapho ayengumfundisi osaqala nomCwaningi oSizayo.
Ngonyaka wezi-2014 nowezi-2015, wayengumDidiyeli weziFundo e-Yachay Tech, inyuvesi entsha e-Ecuador. Ngonyaka wezi-2014, waba yi-Honorary Research Fellow e-UKZN (esiKoleni sezeSayensi yezeMpilo). Ngonyaka wezi-2017, waba nguSolwazi wezoCwaningo e-School of Laboratory Medicine and Medical Sciences e-UKZN.
U-De la Torre useshicilele amaphepha ocwaningo ayi-190 emabhukwini ocwaningo ahlonishwa emhlabeni wonke. Useke wakhuluma ezingqungqutheleni eziningi emhlabeni jikelele. Ngonyaka wezi-2019 yena nomunye uSolwazi ohlonishwayo u-Fernando Albericio baklonyeliswa ngo$25 000, beklonyeliswa yi-American Chemical Society Green Chemistry Institute Pharmaceutical Roundtable (i-GCIPR) ukuqhuba ucwaningo lwekhemistri eyonga imvelo kulo mkhakha.
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe



