Owayengumfundi wase-UKZN, uNksz Holly Wasserfall, odume ngelika-Holly Rey.Ingoma Yowayengumfundi wase-UKZN I-You ka-Holly Rey Ithole I-Triple Platinum
Click here for English version
Umculi we-house, uNksz Holly Wasserfall, odume ngelika-Holly Rey ujabule kakhulu ngenkathi ethola ukuthi ingoma yakhe i-You isishaye i-Triple Platinum.
Uthe ithimba labaphathi bakhe, okukhona nonina kulona, limfihlele lezi zindaba cishe amasonto amabili.
‘Ngabizwa emhlanganweni e-Content Connect Africa nguBanele Tshambo. Ngangingasoli nakancane ukuthi kwakuzokwenzekani. Ngibonga bonke ababe neqhaza empumelelweni yaleli noni,’ kusho yena.
Ukugubha iNyanga yamaGugu, u-Holly Rey ukhiphe ingoma ebizwa ngokuthi HOME ekhuluma ngokuthi yinhle kangakanani iNingizimu Afrika. Yonke imali ezotholakala ngale ngoma izoya kwi-Warrior 500, inhlangano eqoqa imali iyiqoqela imiphakathi yangase-Kruger National Park ethembele kwezokuvakasha kuphela ukuthola imali yokuziphilisa. ‘Yinto engithintayo lena kanti ngiyajabula ukuthi ngikwazile ukuphosa esivivaneni,’ kusho yena.
Zonke izingoma zitholakala ezinkundleni zokuxhumana ku: https://orcd.co/hollyreyhome. Le vidiyo ikhona ku-YouTube ku: https://youtu.be/tsX0dCOFIZQ.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



