
Incwadi Ehlelwe Ngokuhlanganyela Ngoyawefunda e-UKZN Ibheka Ikusasa LezeMfundo Ephakeme Emva Kwe-COVID-19
Click here for English version
Ingabe iyophinde ifane imfundo yasenyuvesi emva kobhubhane i-COVID-19?
Yiyona ndikimba yencwadi ebizwa ngokuthi: Responding to COVID-19: The University of the Future, ebhalwe uSolwazi Dan Remenyi.
Le ncwadi ibheka izisombululo eziningi zale nkinga nokuthi kungenziwa njani emanyuvesi anjenge-UKZN ukubhekana hhayi nobhubhane kuphela, kodwa futhi ukungabaza okuningi ngekusasa.
‘I-COVID-19 ishintshe umphakathi ngezindlela eziningi kanti enye yezinto ezithintekile yimfundo. Amanyuvesi ashintsha ngokushesha eshintshela ezinhlelweni zobuchwepheshe besimanje kodwa akucaci ukuthi yisona sisombululo lesi sale nkinga,’ kusho uSolwazi Remenyi.
Lo mbhali okhuthele ungumhleli nombhali wencwadi esanda kushicilelwa enamasekelashansela, izifundiswa nabeluleki. Iyiqoqo lemibono yabalobi abangama-32 basemazweni ayi-17 basemazwekazini amahlanu.
U-Remenyi uthi incwadi yakhe iwusizo kubafundi nakulabo abasazoba abafundi nabazali babo njengoba ibheka izinto eziningi okudingeka ukuthi wonke umuntu oyofunda enyuvesi azazi.
‘Iminyaka eminingi amanyuvesi ayengaphansi kwengcindezi yokuphucula indlela yawo yokufundisa nocwaningo. Ubhubhane i-COVID-19 yenze ushintsho olukhulu endleleni amanyuvesi enza izinto ngayo, yawenza ukuthi abhekisise izindlela eziningi asebenza ngazo,’ kusho yena.
Incwadi, etholakala iwumqingo noma iyi-PDF, itholakala ku: https://www.academic-bookshop.com/ naku-Amazon.
Amagama: ngu-Lungile Ngubelanga
Izithombe: Zithunyelwe