
U-Tricia Naicker Uphakamise Igama le-UKZN… Futhi!
Click here for English version
USolwazi osemusha nomncane eKolishi lezeSayensi yezeMpilo e-UKZN, uSolwazi Tricia Naicker, uphinde waklonyeliswa nge-Raikes Medal yangowezi-2020 yi-South African Chemical Institute.
Le ndondo iklomelisa ilungu le-Institute, elingaphansi kweminyaka engama-40, elinocwaningo oluthembisayo kwezamakhemikhali eNingizimu Afrika, njengoba kubonakala emaphepheni ocwaningo ashicilelwe emabhukwini ocwaningo ahlonishwayo.
U-Naicker ungomunye wosolwazi abathathu, nokuphela komuntu wesifazane oyedwa, wase-UKZN ukuzuza indebe ye-Raikes kusukela yasungulwa ngonyaka we-1961.
‘Ngijabule kakhulu ngokunqoba kulo munxa futhi ngiyabonga kongiqokile nokade aba yisibani sami uSolwazi Gert Kruger,’ kusho u-Naicker ejabule.
Ngaphezu kwaloku akuzuzile, u-Naicker unqobe uMklomelo wangowezi-2019 weSekelaShansela wenani lama-R150 000. Lo mklomelo minyaka yonke unikwa umcwaningi ovelele e-UKZN ngempumelelo yakhe kwezocwaningo negama elihle emhlabeni wonke.
Into enkulu asanda kuyizuza kube wukufinyelela ephepheni locwaningo ngonyaka wezi-2020. ‘Ngethemba ukuthi impumelelo yami ikhuthaza izifundiswa ezisafufusa nabafundi ukuthi bafeze amaphupho abo kunoma yisiphi isihloko abanaso,’ kusho yena.
U-aicker, osebe kwi-Discipline of Pharmaceutical Sciences kusukela ngowezi-2013, uhlale ebalwa nabacwaningi abayishumi abavelele e-UKZN. Unoxhaxha lwemiklomelo yoMnyango wezeSayensi nezobuChwepheshe ne-NRF.
Ugxile ekwenzeni izindlela zokukhiqiza imithi ngokwemvelo emkhakheni wokwelapha.
U-Naicker ubonge abafundi bakhe abasebenza ngokuzikhandla, abamqeqeshayo abazinikele nabambisene nabo e-Catalysis and Peptide Research Unit, wangakulibala ukwesekwa wumndeni wakhe.
IPhini leSekelaShansela laseKolishi leSayensi yezeMpilo, uSolwazi Busi Ncama, limhalalisele u-Naicker ngempumelelo yakhe. ‘Ngiyaziqhenya ngokuthi uSolwazi Tricia Naicker uyisifundiswa eKolishi lethu. Angimangali ezuze lo mklomelo; ungumcwaningi osezingeni eliphezulu, uzinikele kakhulu futhi uthobeke kakhulu.’ Uthe umphakathi waseNyuvesi nawo uyaziqhenya ngo-Naicker, wamkhuthaza ukuthi aqhubeke nokuphakamisa igama le-UKZN.
Amagama: ngu-Nombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe