
ISikole seziFundo ngeNhlalo yoMphakathi Sisayine Isivumelwano Sokusebenzisana ne-University of London
Click here for English version
ISikole seziFundo ngeNhlalo yoMphakathi eKolishi lezesiNtu sisayine isiVumelwano sokuSebenziana ne-School of Oriental and African Studies (i-SOAS) e-University of London.
Ngaphansi kweDini eBambile uSolwazi Vivian Ojong, uMholi weziFundo zoCwaningo eSikoleni uSolwazi Maheshvari Naidu uqale izingxoxo noMqondisi woPhiko Lwezaphesheya neMenenja ye-Global Engagement yase-SOAS.
Izingxoxo zaqala ngasekupheleni kowezi-2019, zaphetha ngomhlangano nabalingani base-SOAS,’ kusho u-Naidu. ‘Kusukela ekuqaleni kokuxhumana, bakhombisa ukuthakasa futhi bemagange ukubonana ubuso nobuso ukudingida imibandela yesivumelwano.’ U-Naidu wavakashela i-SOAS ngoLwezi wezi-2019, lapho ahlangana khona noMqondisi woPhiko nabanye abasebenzi abakhuluma ngamava abo ocwaningo, babhunga indaba yokusebenzisana nemigomo yako.
Kwathi ngaphambi komvalelwandlini kwaphothulwa isivumelwano sokusebenzisana ngezinhlaka ezihlukene neminyango yezomthetho zawo womabili amanyuvesi.
I-SOAS ingenye yezikhungo ezivelele emhlabeni ngezifundo zase-Asia nezase-Afrika. ‘Sikhethe ukubambisana ne-SOAS hhayi kuphela ngaloko ebingasenzela kona kepha futhi ngenxa yaloko esingakwenzela i-SOAS; lobu wubudlelwano obuzwakalayo ngokwemiqondo,’ kusho u-Naidu. ‘Ngasohlangothini lwayo i-SOAS ijabule ngobuchule esingayinika bona, ukusebenzisana nokunotha kobuzwe nobendawo bocwaningo lwase-Afrika nabacwaningi bakhona besikole sethu nabasebenzi bethu.’
U-Ojong uphawule wathi: ‘Kumqoka ukubambisana nezikhungo egameni lokusebenzisana ngokomqondo kanti leli bekuyithuba elihle kubasebenzi nabafundi eSikoleni. Ngemva kweCOVID-19, sibheke ukunyakaza kwabasebenzi, ikakhulu kubasebenzi bethu abasaqala ukusebenza,’ kusho yena.
‘ISikole seziFundo ngeNhlalo yoMphakathi sihlela umkhankaso wokuqala wokubambisana ozoba yisimpoziyami yokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje ngasekupheleni kukaLwezi ezoba nongoti bazo zombili izikhungo ukuthi badingide izihloko zemikhakha ehlukene. Sibambisene nethimba lase-SOAS ukuhlela lo mcimbi,’ kusho u-Naidu.
Isimpoziyamu izoba ingosi yokucobelelana ngamasu nokubheka amathuba okubambisana ngocwaningo. I-SOAS neSikole seziFundo ngeNhlalo yoMphakathi bazoba namathimba ehlukene kanti kuzoba nezikhulumi eziqavile ezingongoti kulo mkhakha.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe