
Umfundi wase-UKZN Ukhethwe Ukuba Kwi-Global Youth Parliament
Click here for English version
Umfundi owenza izifundo ngeNhlalo yoMphakathi uNks Thembalethu Ntuli uqokelwe ukuba ngunobhala we-Global Youth Parliament (i-GYP), enye yezinhlangano zoshintsho ezinkulu zentsha emhlabeni, ehlose ukukhuthaza abantu abasha emsebenzini womphakathi, ezamabhizinisi, intando yabantu nezentuthuko.
UNksz Ntuli uqokwe kwi-GYP ngenxa yegalelo lakhe emsebenzini wezentuthuko nobunye ngokuqhakambisa umoya wokuzazi nokuphokophela.
‘Ukuqokwa kwami ngingakuchaza njengesikhathi esingijabulisayo nesinginika ithuba lokuqhubeka nokusebenza ngenhloso, ngokuthuthukisa abantu abasha eNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke. Ngimagange ngokungagcini ngokushiya umsizila emhlabeni wonke ngokuhlomisa abanye kodwa futhi ngokufunda okuningi kwi-GYP Network,’ kusho uNksz Ntuli.
Njengomfundi oyisishoshovu, ukuzwa ngaphakathi ukuba yinxusa loshintsho ngemisebenzi ehlukene yomphakathi, njengoba owake wasebenza ezinhlanganweni ezinjengeMbeleko Foundation ne-ENACTUS UKZN, izinhlangano ezibeka phambili umsebenzi wokuthuthukisa umphakathi nezinhlangano zentsha ngamakilasi ezombusazwe, ukufundisa ngemisebenzi, ukweseka osomabhizinisi, ukuqeqesha abantu nokugqugquzela impilo ephephile.
UNksz Ntuli wake waba yilungu leKomiti eliKhulu le-SA Students Congress (i-SASCO) ngowezi-2018/19, waba yiPhini likaSihlalo weStudent Dynamics, inhlangano engenzi nzuzo, ngowezi-2018.
Emsebenzini wakhe, uyaqhubeka nokuba yilungu lenhlangano yamavolintiya yaphesheya i-Future Team. Ukukhulisa umsebenzi wakhe wezenhlalo nezepolitiki, ngowezi-2019 wathola iziqu ze-Program of Young Politicians in Africa (i-PYPA).
UNks Ntuli uyaqhubeka nokulwela amalungelo abantu besifazane kanti uvumelana kakhulu namagama ka-Thomas Sankara, owayengumengameli waseBurkina Faso. ‘Ayikho inkululeko uma ingekho inkululeko yabantu besifazane.’
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe