21 Years of JOMBA! Through the Lens – uMbukiso Ngobuchwepheshe ka-Val Adamson
Click here for English version
Umthwebuli waseThekwini olikizela imiklomelo u-Val Adamson, osethwebule iJOMBA! Contemporary Dance Experience kusukela ngonyaka we-1998, uzokwethula umsebenzi wakhe embukisweni ngobuchwepheshe besimanje obubizwa nge-21 Years of JOMBA! through the lens.
Umbukiso uzoba kwiwebusayithi yefestiveli ngesikhathi sedili lomdanso kusukela mhla zingama-25 kuNcwaba kuya kumhla we-6 kuMandulo.
‘Lesi akusona isikhathi sokuhlonipha iso elibukhali lokuthwebula umdanso neshashalazi lika-Val kuphela kepha futhi yisikhathi sokukhumbula umlando wefestiveli weminyaka engama-21 ngezithombe ezimangalisayo,’ kusho uMqondisi wezobuCiko uDkt Lliane Loots.
U-Val oneminyaka eminingi esebenza emkhakheni wezobuciko usezakhele igama ngokuthwebula ngekhono emikhakheni yeshashalazi, umdanso, ubuciko bezithombe kanjalo nokuthwebula imidwebo. Ukweseka kakhulu kwakhe amaciko emikhakheni ehlukene kuyaziwa.
Waklonyeliswa ngendondo ye-Living Legend ngowezi-2014 wuMasipala waseThekwini ngomsebenzi wakhe wokuthwebula ezeshashalazi.
‘Ngezinsuku zakudala ngisathwebula i-ballet, nganginabaqondisi nabadidiyeli abamangalisayo, okukhona kubona u-Ashley Killar, Christopher Kindo noMark Hawkins. Babengasisebenzisi isithombe sami esithile uma umlenze noma ingalo kungenabo ubuncweti obuthile noma uma ngingakutholanga kahle ukugxuma noma ukuphenduka. Ngakho kwadingeka ukuthi ngiphucule ikhono lami, ngigxilise iso lami ekutheni umzimba womdansi unyakaza kanjani, ngikwazi ukulindela ukuthi yini ezolandela ukuze ngiwubambe kahle lowo mzuzu,’ kusho u-Val.
Uqhube wathi: ‘Ngangisebenza ngezithombe zefilimu nezigayiwe, ngakho kwakudingeke ukuthi ngiqikelele ukuthi ngingavele ngishuthe nje – kwakuwumsebenzi obizayo! Kwase kulandela ukushintsha komdanso wesimanje, lapho kugxilwa khona emuzweni nasemizweni kanti loku – kamuva kuhlangene nobuchwepheshe besimanje – kwangenza ukuthi ngikwazi ukuzama izinto ezehlukene futhi ngithi ukudlala. Ngangingeke ngikwazi ukwenza lowo msebenzi ngaphandle kwabadansi, abadidiyeli bomdanso nezingcweti zokukhanyisa ishashalazi. Ngikuthakasele ukusebenza kwiJOMBA! eminyakeni edlule kanti ngibusisekile ukubona imisebenzi eminingi yobuciko nabadansi abanekhono eduze!’
U-Val wazalelwa eKenya, wafunda e-Scotland wase ethuthela eNingizimu Afrika, kwelikanina, ngonyaka we-1985, lapho asebenza khona kwi-Performing Arts Council of Transvaal engumsizi womthwebuli. Ngowe-1988, wamenywa e-Playhouse Company ukuthi azosungula futhi aphathe umnyango wezokuthwebula wakhona eThekwini.
Wajutshwa ukuthi akhiqize imibukiso eyisithupha. Owokuqala i-Caught in the Act (ngowe-1988), wawunezithombe zeshashalazi kanti wamenza waqokelwa indondo kwi-The Rising Star of the Year. Waphinda waba neminye imibukiso ngowe-1992 nangowe-1993, eyajikeleza izwe lonke inamaciko axhashwe yi-AGFA. Waqala ukuzisebenza ngowe-1993, waqhubeka ukusebenza kwezobuciko kepha ekhulisa ulwazi lwakhe.
Ngowezi-2012, i-DanceLink yaklomelisa umsebenzi wakhe wokuthwebula umdanso ngendondo e-Durban Dance Awards. Ngowezi-2013, u-Val wasungula i-Love Dance kwathi iKZN DanceLink yacela lo mbukiso wezithombe zomdanso, yesekwa nguMnyango wezoBuciko kaMasipala waseThekwini, uxhaswe wuMkhandlu wezobuCiko kaZwelonke ne-National Lotteries Commission. Lo mbukiso, owawuyingxenye yeGiyani Lusha ngonyaka wezi-2013 eThekwini, wawukwiJOMBA! Contemporary Dance Experience ne-Witness Hilton Arts Festival, yomibili ngowezi-2013, ne-National Arts Festival ngowezi-2014.
I-JOMBA! yethulwa yi-Centre for Creative Arts eKolishi lezesiNtu kanti inoxhaxha lwemidanso. Umbukiso ka-Val uyatholakala kwiwebhusayithi (jomba.ukzn.ac.za) ngesikhathi sokuqhubeka kwefestiveli.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: u-John Ivins