
Uqokwe kumaSebenza Women Awards Owayengumfundi Wase-UKZN
Click here for English version
Owayengumfundi wakudala eSikoleni sezobuCiko, uNks Thabile Buthelezi uqokwe kwi-Community Builder of the Year yamaSebenza Women Awards angowezi-2000.
Le miklomelo iklomelisa abantu besifazane abanentshisekelo yokuqamba izinto ezintsha, eyamabhizinisi, ubuholi ngokuzidela, ukuzimela nokuphokophela nabayisibonelo kwabanye abantu besifazane nomphakathi.
‘Engangikufisa ukuguqula umhlaba ngomuntu ngamunye. Umbono wami wukungasebenzeli uquqaba kodwa ukusebenzela umuntu ngamunye ngemikhankaso eguqula umphakathi ngenhloso yokusebenzela abanye,’ kusho uButhelezi. ‘Umvuzo omkhulu wukubona abantu besukumela impilo yabo ngomsebenzi engiwenza ngeThabile Buthelezi Foundation neminye imikhankaso kanti ukuqokwa nemiklomelo ngikuthakasela kakhulu ngoba kusho ukuthi abanye abantu bayawubona umsebenzi engiwenzayo ukwenza ngcono umphakathi.’
Votela uButhelezi ngokuthumela i-SMSing ethi: Thabile ku-44344 ngamasenti angama-50 ivoti.
UButhelezi uzoba ne-Woke Queen Arts Festival ezothatha izinsuku ezintathu ukubungaza iqhaza labantu besifazane kwezobuciko neqhaza labo emnothweni wezobuciko. Ifestiveli iyoba mhla wama-28 kuyama kuma-30 kuNcwaba ngama-R450 umuntu.
Ngeminye imininingwane, bhalela ku: dibabza1@gmail.com.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe