
I-Young Academics Society Yase-UKZN InoChungechunge Lokuxhumana Ngobuchwepheshe Ngokuvumelana
Click here for English version
Ukugubha iNyanga yabeSifazane, i-Young Academics Society (i-YAS) inochungechunge lwezingosi zokuxhumana ngobuchwepheshe ezibizwa ngokuthi "FRIES: How to place an order?"
Isinqamlelo esisuselwe ku-Planned Parenthood Association, i-FRIES ichaza ukuvumelana njengento enikezwa mahhala, engabuye ihoxiswe, enokwazi, enentshisekelo nehambisana nesikhathi esithile.
Kulolu chungechunge lwezingosi zokuxhumana ngobuchwepheshe kuzoba nabadidiyeli nezikhulumi zeKomidi le-Gender-Based Violence (i-GBV), ezeNhlalakahle, isiKole seziFundo zoMthetho nezokuPhatha, Ezokulekelela Abafundi, i-Students for Law and Social Justice (i-SLSJ), i-Campus HIV & AIDS Support Units (i-CHASU) ne-Jes Foord Foundation.
Umsunguli we-YAS uNks Nosipho Funeka uthe umqondo wochunge lwezingxoxo wafika ngemuva kokuvela kodaba oluwundabamlonyeni ngosaziwayo ababili lapho omunye wayesolwa ngokunukubeza okwenzeka kudala. ‘Inhloso yalolu chungechunge wukuqala ingxoxo ngokuvumelana ukuze abantu baqonde ukuthi kusho ukuthini ukuthi “Cha! Yima! Angithandi namhlanje, Angikakulungeli, Sengishintshe umqondo” nokubona nokuqonda umzimba womuntu wesifazane uma engathandi,’ kusho yena.
UMdidiyeli woMkhankaso wokwaZisa e-Jes Foord Foundation uNks Nqobile Hlongwane uvule ingxoxo ngesethulo ngokuvumelana esibizwa ngokuthi FRIES Anyone? Ubheke izinhlobo ezehlukene zokuvumelana ezingukwazi, ukuzikhulumela, ukukhuluma ngezenzo nokuvuma okusobala, wabalula ukuthi azisho izinkulumo ezingadingekile, ukuhlukunyezwa, ukwesatshiswa, ukuvinjezelwa, ukunakashela, ukugxavuna, ukupotoza, ukusebenzisa isikhali nokushaya. Ugcizelele ukuthi ukuya ocansini ngaphandle kokuvumelana kuyicala, wase ekhuthaza abafundi ukuthi baqonde ukuthi “u-cha usho u-cha”.
Iqanjwe nesihloko esithi How to order your FRIES, ingosi yokuxhumana ngobuchwepheshe yesibili ibheke ukuvumelana ngeso lomthetho waseNingizimu Afrika. Umdidiyeli, nonguthisha eSikoleni sezoMthetho noSihlalo weKomidi le-GBV, uNks Janine Hicks ubalule ubumqoka bokuvumelana kwezomthetho. Ugcizelele ukuthi ukuvumelana kufanele kwenzeke ngentando yomuntu nokuthi abantu abavumelanayo bavumelana ngani. ‘Ukuvumelana ukuphuzisana akusho ukuthi umuntu uvuma ukuthi kuyiwe ocansini,’ kusho uNks Hicks. Wengeze ngokuthi umuntu angayihoxisa noma yinini imvume, wabalula ukuthi umuntu ogula ngengqondo noma odakiwe akekho esimweni sokuvumelana.
Umfundi wase-UKZN nelungu le-SLSJ, uNks Mayenziwe Khoza, ubalule ubumqoka bokuqonda indaba yemvume ngokomthetho. Ubalule ukuthi iminyaka esemthethweni yokuvuma ukuya ocansini yi-16, wahlaziya imibandela yomthetho yomuntu ophula umthetho wesivumelwano njengokushaya, ukwesabisa, ukuhlukumeza ngokocansi nokudlwengula.
Uthisha eSikoleni sezoMthetho uNks Zamankwali Njobe udingide izindlela imvume engemukeleka ngayo enkantolo, wazibala ngokuthi zingaveza ukuthi umuntu ubethanda, imvume iphume ngezindlela ezibonakalayo nezisobala, inikwe ngaphambi kokuthi kwenzeke, inikwe ngothando nokuthi umuntu ubeyazi into ayenzayo.
Uchungechunge lwezigcawu zokuxhumana ngobuchwepheshe lwe-FRIES lubakhona njalo ngoLwezithathu ngokugamanxa kwehora le-12 phakathi ngoNcwaba. Ababamba iqhaza basethubeni lokuwina umklomelo wama-R500 kulo mncintiswano omuhle.
Eminye imininingwane ngezihloko ezisazodingidwa nabazozethula, vakashela ekhasini le-Facebook le-Young Academics Society Facebook ku-YASUKZN.
Ukungena emhlanganweni we-Zoom, ngena nge-link engezansi:
https://us04web.zoom.us/j/6420267585?pwd=ejBua0VqZDk1N3d5SG12eGwyZkRYUT09
Meeting ID: 642 026 7585
Passcode: FRIES2020
Amagama: nguHlengiwe Khwela
Isithombe: Sithunyelwe