
I-UKZN Ibenengxoxo Ngokushintshela Emnothweni Ojikelezayo Emva kwe-COVID-19
Click here for English version
I-Water Research Commission (i-WRC), i-Centre for Transformative Agricultural and Food Systems (i-CTAFS) yase-UKZN ne-Agricultural Research Council (i-ARC) bebenengxoxo esihloko sithi ukushintshela emnothweni ojikelezayo emva kwe-COVID-19 lapho kukhulume khona abasebenzi, abacwaningi nabafundi beSikole sezeSayensi yeZolimo, ezoMhlaba neMvelo nabase-CTAFS.
Bangaphezu kwama-30 abantu akade bekhona kule ngxoxo ebikwingosi yokuxhumana ngobuchwepheshe, evulwe yiMenenja eNkulu yase-WRC, uSolwazi Sylvester Mpandeli. Wethule isihloko nomlando we-WRC ekukhiqizeni inqubomgomo efanele ehambisana nocwaningo ngaManzi-uGesi-noKudla, phecelezi research on the Water-Energy-Food (WEF) nexus. UMpandeli uthe i-WRC iyaziqhenya ngokusebenzisana nabalingani abayi-ARC, i-UKZN ne-CTAFS.
‘Inhloso yale ngxoxo wukuklama indlela eya phambili nokuqinisekisa ukuthi sivula izindlela ezisimeme emkhakheni wezamanzi nezikagesi ukuze siphucule ukulethwa kwezidingo zomphakathi,’ kusho yena.
Isikhulu se-WRC, uDkt Stanley Liphadzi ubonge bonke akade bekhona ngokuphosa esivivaneni sokwandisa ulwazi ukulungiselela impilo emva kobhubhane futhi bazogxila ekusebenziseni izinto kabusha, ukuzivuselela ukuze bahlangabezane nezidingo zamanzi, ukudla nomhlaba ngendlela eyongayo okunqabile esizweni esiya sihlupheka.
USolwazi Tafadzwa Mabhaudhi waseCTAFS ukhulume ngeqhaza lezindlela zokushintsha izinto ekwenzeni izinqubomgomo nokuthatha izinqumo emva kweCOVID-19, wabalula iqhaza le-UKZN ekwelekeleleni i-WRC emsebenzini weWEF. Uthe ukuphazamiseka okubangwe wubhubhane kukhombise ukuthi kudingeka ushintsho olunqala ukubhekana nosizi olululethile, wanxusa ukuthi kube khona izindlela ezehlukene zokwenza izinto.
UMabhaudhi ubonge iWRC ngokweseka ucwaningo lwe-UKZN kulo mkhakha, wethula abacwaningi abangodokotela oDkt Sithabile Hlahla noVimbayi Chimonyo abasizakale ngezinsiza zeWRC. UHlala noChimonyo bakhulume ngokuthi kungani kudingeka uguquko, okudingekayo ukuze kubenoguquko, ukuthi lolu guquko ngolwawo wonke umuntu kuyona yonke imikhakha nezinselelo ezihambisana nokwemukela ushintsho.
‘Ubhubhane lusidalela ithuba lokuthi silethe uguquko noma siqale ukucaba izindlela ezintsha esingashintsha ngazo isizwe sethu ngokwempumelelo nokwenza ukuthi imiphakathi yakithi ibe namandla okubhekana nezikhathi ezinzima,’ kusho uMabhaudi, egcizelela isidingo sokuthi imiphakhathi ehlukene isebenzisane.
Uthisha Osemnkantshubomvu kwiSayensi yeziThombo, uDkt Alfred Odindo, ubalule imigomo yomnotho ojikelezayo, wakhuluma ngezindlela ezehlukene zokuwusimamisa, ikakhulukazi ngokwezivundisi njengoba izindlela zokulima zesimanje zicekela phansi imvelo.
U-Odindo, onguMcwaningi oMkhulu waseNingizimu Afrika emsebenzini i-Rural-Urban Nexus: Establishing a Nutrient Loop to Improve City Region Food System Resilience, wenze izibonelo ngamathuba akhona kuleli ukunciphisa izibi emnothweni ojikelezayo ezindleleni, wagcizelela isidingo sezindlela zoguquko.
USolwazi Sue Walker wase-ARC ukhulume ngemiphumela yeCOVID-19 ekukhiqizeni ukudla, wachaza izinguquko ezenzeke ngesikhathi sobhubhane ezibhebhezele izinga lendlala. Ulandise ngomlando wezolimo waseNingizimu Afrika, walinganisa umphumela ongemuhle weCOVID-19 ekukhiqizweni kokudla ezweni.
Isikhulu esiphezulu seWRC, uMnu Dhesigen Naidoo uvale ingxoxo, wagcizelela isidingo sokuhlela izinto ngendlela enqala, ukuhlela izinto kabusha.
‘Kusemkhakheni wocwaningo nokuqamba izinto ezintsha ukuthi ukhombe indlela ekutheni kungenziwani ukuletha lolu guquko ngendlela ebonakalayo,’ kusho yena.
Amagama: ngu-Christine Cuénod
Isithombe: Sithunyelwe