
Ungoti Wezamanzi Wase-UKZN Uphume Ebhukwini I-Water Wheel
Click here for English version
Ungoti kwezamanzi nezokuguquka kwesimo sezulu uSolwazi osathatha umhlalaphansi kodwa osasebenza u-Roland Schulze, owasebenza iminyaka eyevile kwengama-50 futhi wahlonishwa ngemiklomelo eminingi, uphume oshicilelweni lwangoNtululikazi (July) noNcwaba (August) lwe-Water Research Commission (i-WRC) lwephephabhuku i-Water Wheel.
U-Schulze, owakhulela emphakathini wamaJalimane waKwaZulu-Natali, wafundela ezendawo nekhemistri e-University of Natal, wagcina ezuze iziqu zeMastazi wase efundisa ezomumo wezendawo eNyuvesi kusukela ngonyaka wezi-1969. Ngalowo nyaka, incwadi kaSolwazi Ward ethi Principles of Hydrology yamkhuthaza ukuthi afunde kabanzi ngalesi sihloko. Ukusungulwa kwe-WRC ngeminyaka yama-1970 kwenza ukuthi ucwaningo luka-Schulze luthole ukuxhaswa ezimfundeni ezinamanzi amancane, kwathi kamuva waxhaswa ezifundweni ezinkulu.
Ngenkathi ethola ulwazi olunzulu emkhakheni wezamanzi, u-Schulze waphakamisa ukuthi kusungulwe iziqu ezigxile kwezamanzi eNyuvesi yaseNatali, eyaba yinyuvesi yokuqala ezweni ukufundisa lezi zifundo. Kusukela emkhankasweni wakhe eyedwa, umkhakha wezamanzi e-UKZN usudlondlobele kakhulu kanti manje kunethimba labasebenzi abayisikhombisa nabafundisi abaningi abayitoho nabafundi abenza iziqu eziphezulu.
Omunye umsebenzi wakhe omkhulu kwaba ngukusungulwa kwendlela yokuphatha amanzi e-Agricultural Catchments Research Unit okuyiyona esetshenziswa ukuhlola amanzi emhlabathini, nokuhlola ukushintsha kwezindawo ezinamanzi nokutshalwa kombila eningizimu ye-Afrika. Le ndlela isetshenziswa naseZimbabwe, e-Eritrea, e-New Zealand, e-Chile, eMelika, e-Canada naseNingizimu Afrika.
Udaba lwephephabhuku lubalula ukukhathazeka kuka-Schulze ngendlela okusetshenziswa amanzi ngayo ezweni lapho amanzi entuleka khona njengeNingizimu Afrika okungukugcina ubungoti kwezamanzi ezweni nokuthi amanzi abizwe imali efanele ukugqugquzela ukongiwa kwawo.
U-Schulze waqala wabheka ukuguquguquka kwesimo sezulu ngeminyaka yezi-1980, okungumkhakha athathwa njengevulandlela kuwona. Uhlonishwe ezweni lonke naphesheya ngamagalelo akhe ekongiweni kwamanzi nasekuguquguqukeni kwesimo sezulu kanti ucwaningo lukazwelonke lwangonyaka wezi-2013 lamgcoba njengomcwaningi wezamanzi ovelele eNingizimu Afrika, kwathi ngonyaka wezi-2018 wahlomula nge-Lifetime Achievement Award emcimbini we-African Utilities Industry Awards.
Igama lakhe laqoshwa emagameni ezingqalabutho e-Academy of Science of South Africa ngowezi-2009, wagcotshwa njenge-Fellow of the University of Natal ngonyaka wezi-1991.
U-Schulze uke wasebenzela i-Intergovernmental Panel on Climate Change yeNhlangano yeziZwe, kanti ekufundiseni kwakhe ubeke athathe ikhefu eNyuvesi ayofundisa ezikhungweni eziningi phesheya e-United Kingdom, eMelika naseYurophu.
Nakuba ethathe umhlalaphansi eminyakeni eyishumi edlule kodwa u-Schulze uyaqhubeka nokusebenzisa nothisha nabafundi base-UKZN kanti kumanje wenza izinto eziningi kwezezithelo, ezamakinati noshukela. Kunemisebenzi ayenza ne-Stellenbosch, i-WRC, uMasipala waseThekwini nohulumeni wesifundazwe saseNtshonalanga Kapa.
U-Schulze ubhale amaphepha ocwaningo ashicilelwe evile kwi-140, imibiko yamakhasimende engaphezu kwe-100, waluleka abafundi abenza ucwaningo lweMastazi neziqu zobuDokotela ezicela kuma-90.
Ngaphandle kwaseNyuvesi, u-Schulze uyilungu lokuqina laseLuthela, uneminyaka engama-52 eshadelwe umkhakhe u-Waltraut kanti unabantwana ababili nabazukulu abayisikhombisa!
Amagama: ngu-Christine Cuénod
Isithombe: Sithunyelwe