
I-UKZN Ilekelele Ukuthola Umnikelo Wezamfonyo Zabafundi Bezobudokotela
Click here for English version
I-UKZN ingesinye sezikhungo zemfundo ephakeme eNingizimu Afrika ezihlomule emnikelweni we-Solidarity Fund wezinkulungwane ngezinkulungwane zezamfonyo zabafundi bonyaka wokugcina kwezobudokotela abasanda kubuyela emagcekeni enyuvesi ngemuva kokuxegiswa kwemigomo yomvalelwandlini.
Isikhwama sithintwe yi-Dean yakwa-Clinical Medicine e-UKZN, uSolwazi Ncoza Dlova, elekelelwa yiKomiti laBafund Bonyaka Wokugcina ezilekelele ngokuthola abantu abanganikela ngempahla yokuzivikela egciwaneni ukuthi banikele ngezamfonyo kuwona wonke amanyuvesi ezweni lapho kufundelwa khona ubudokotela.
UDlova, obemele i-Committee of Medical Deans (i-SACOMD), ukwazile ukuthola izamfonyo eziphakathi kwezi-90 000 kuya kweziyi-100 000 zenyuvesi ngayinye.
Phakathi kwalabo abanikele ngezamfonyo yi-Gift of the Givers, i-Investec, i-UKZN Foundation, i-Solidarity Fund, i-PPS, i-Sanlam ne-School of Clinical Medicine sase-UKZN.
‘Egameni lohlelo lwezobudokotela e-UKZN, sifisa ukubonga bonke abanikele ngalo mnikelo omkhulu wokulekelela abafundi bezobudokotela ngalesi sikhathi esinzima,’ kusho Isikhulu salolu Hlelo eSikoleni sezoBudokotela, uNks Khwezi Khanyile. ‘Izamfonyo zineqhaza elikhulu ekunciphiseni ubungozi bokuthi abafundi batholwe yi-coronavirus.’
• Umsebenzi we-Solidarity Fund wukwesekela izwe lonke ngokwezempilo, ukuphosa esivivaneni emikhankasweni yobuntu nokuvukuza abantu baseNingizimu Afrika emkhankasweni wokubhekana ne-COVID-19.
Amagama: ngu-Lihle Sosibo
Isithombe: Sithunyelwe